LITHUKA izanya ikhansela leDA, uMnuz Swelakhe Shelembe, osekudutshulwe abaqaphi balo kwaze kwaba kabili.
Umqaphi kaShelembe usesimeni esibucayi esibhedlela emva kokudutshulwa ngeledlule.
Lesi sigameko senzeke eMgungundlovu ngesikhathi umqaphi kaShelembe elibangise kubo, eMpendle.
Kuthiwa endleleni ebheke ekhaya lo mqaphi wadlula wabona isihlobo sakhe, nokuyilapho aficwa khona yizigebengu.Imoto ayehamba ngayo yasala izimbobombobo.
Lona ngumqaphi wesibili kaShelembe odutshuliwe njengoba ngonyaka odlule kwadutshulwa omunye.
Ngonyaka odlule uShelembe wasinda edutshulwa nomqaphi wakhe esigamekweni esenzeka eVryheid. Kuleso sigameko uShelembe waphuma engenalutho kepha umqaphi wakhe walimala kabi. UShelembe uyikhansela kuMasipala iZululand aphinde abe yikhansela kuMasipala wasebaQulusini.
KuMasipala wasebaQulusini ungusihlalo wekomiti elibhekele ukusetshenziswa kwemali yomphakathi iMunicipal Public Accounts Committee.
Umthombo osondelene nodaba uthe lesi sikhundla yisona esenza ukuthi impilo kaShelembe ibe sengcupheni.
“Lesi yisikhundla esinzima ngoba kuhlezi kunguwe oveza inkohlakalo. Kulesi sikhathi esincane engenile kunezinto eziningi ezishaqisayo esezike zaphenywa yikomiti angusihlalo walo.”
Ekhuluma neSolezwe uShelembe uthe usebona engaphephile.
“Akusikhona okokuqala kwenzeka into enje. Le simo senza ukuthi umuntu azizwe engaphephile. Angisakwazi ukuphila impilo ejwayelekile. Nomndeni wami angisahlali nawo, sengiwubalekisile ngoba ngizizwa ngingaphephile. Le nto yenza ngizibuze ukuthi kanti sinohulumeni onjani uma thina bantu abasezikhundleni kufanele siphile impilo enje.”
UShelembe uthe usekuqaphelile ukuthi kunezimoto ezimlandelayo.
Uthe okumkhathazayo wukuthi yize ebona ukuthi impilo yakhe isengcupheni, isibalo sabaqaphi bakhe asikanyuswa.
“Okubuhlungu wukuthi isigameko sesibili senzeka nje, asikabi khona isiphetho esigamekweni sokuqala. Kuze kube manje akukaboshwa muntu ngesigameko sokuqala. Abezobunhloli abakawuphothuli umbiko wabo ocacisayo ukuthi impilo yami isengcupheni kangakanani. Lokhu kukutshela ukuthi kasinazo izinhloli.’’
UShelembe uthe udaba uselubikile emkhandlwini.
Uphinde waveza ukuthi umqaphi wakhe useyalulama esibhedlela. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa aKwaZulu-Natal engakayiphenduli imibuzo ayithunyelwe.