IQASHELWE ukuba ngumqaphi wenkosi indoda ebiyiphoyisa, okumanje ingaphandle ngebheyili. Umqaphi usolwa ngecala lokuthumba nelokubulala owesilisa eMariannhill, eThekwini.
Lokhu kudalulwe izolo eNkantolo yeMantshi ePinetown, ngesikhathi kuvele obengumseshi, uMnuz Ayanda Doctor Ntombela.
UNtombela ongaphandle ngebheyili kaR20 000, usolwa ngokubulala uMnuz Sihle Mtshare (27), isidumbu sakhe esatholakala sesonakele futhi sigxishwe epayipini lamanzi eCamperdown.
Ummeli kaNtombela, uMnuz Musawenkosi Mkhize, ubikele inkantolo ukuthi umsolwa bekumele aqale emsebenzini omusha ngoNovemba 1.
UMkhize utshele iMantshi uB Kunene, ukuthi lokhu akwenzekanga ngenxa yombandela webheyili kaNtombela othi kumele asayine kathathu esontweni esiteshini samaphoyisa eHammarsdale, nokuthi isibhamu sakhe sathathwa uMbuso.
UMkhize uthe isibhamu sesibuyisiwe, wacela inkantolo isuse umbandela wokusayina ngoba uNtombela usebenza kusuka ngoMsombuluko kuze kube wuLwesihlanu futhi ubuya ebusuku kwakhe.
Umshushisi uqale wafakana imilomo nabaphathi bakhe nomphenyi wecala, abangaphikisana nesicelo sokususwa kombandela.
UKunene ube esewususa umbandela. Wathi eminye isamile njengoba injalo okubalwa owokubika uma uNtombela efuna ukuphuma esifundazweni, nothi angaxhumani nofakazi.
Icala lihlehliselwe kuDisemba 13, ukuze uMbuso uqhubeke nophenyo olwenzayo okuthiwa awukaluphothuli.
Lokhu kuthukuthelise unina kaMtshare, uNksz Sebenzile Phungula wathi eyakhe ingane yabulawa kodwa umsolwa uxegiselwa imibandela yebheyili ngoba useyasebenza.
“Umuntu owabulala, owathumba, wayokhomba umzimba futhi wathola ibheyili namuhla uthole umsebenzi? Ngitholeni mina? Ngithola ukukhala nobuhlungu? Umthetho awusebenzi ngendlela, uma kungashintshwa kusho ukuthi sizele ubala lapha enkantolo,” kubalisa uNksz Phungula.
UNksz Phungula uthe ngelanga okuyobuyelwa ngalo enkantolo bayotshelwa okusha okuzobamangaza ngoNtombela.
UNtombela, wesula emsebenzini emuva kokuboshwa esesebenze iminyaka ewu-20 eyiphoyisa. Ubekwe icala lokuthumba, elokubulala, elokweba iselula kaMtshare nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Isidumbu sikaMtshare satholakala emuva kwezinsuku ezingu-18 kade edukile.