SELIDLULELA eNkantolo eNkulu icala lokusocongwa kowesifazane owaqale wadlwengulwa ngaphambi kokulahlwa kwesidumbu sakhe ebhulohweni ngoDesemba 23, nyakenye.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi abasolwa abane bevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Abasolwa oMnuz Nkosinathi Emmanuel Ndala (23), Sphamandla Mkhulise (24), Sphamandla Thulani Bhengu (24) noTalent Mbongeni Ntanzi (21).
Umufi kuthiwa wayekade ephuma endaweni yokuzijuxuza eseChesterville, iClassic Lounge ngesikhathi yena nomngani wakhe kuba khona imoto eyacela ukubagibeza.
Imoto eyabathatha kuthiwa yahamba ibanga elide nabo yangabagodukisa njengoba yayithembisile.
Kuthiwa yaze yama kuN2 emgwaqweni obheke KwaDukuza, okuyilapho umufi nomngani wakhe okuthiwa bashaywa base beyabadlwengulwa.
Umngani kamufi yena kuthiwa wasindiswa wukuphunyuka. Namanje kuthiwa isimo sakhe asikho kahle, selokhu kwehla lesi sigameko.
Umufi owayehlala eManzimtoti kuthiwa sebeqede ukumdlwengula bambulala baphosa isidumbu sakhe ngaphansi kwebhuloho.
Watholakala ngakusasa ngemuva kokuba umngani wakhe ekhombise amaphoyisa lapho bevelelwe khona wumshophi.
Izolo, enkantolo kuvele ukuthi leli cala selidluliselwa eNkantolo eNkulu ukuze liqale ukuqulwa. Lizobuyela enkantolo ngoJuni14.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini bobane abasolwa benza isicelo sebheyili kodwa inkantolo yasichitha.
UMshushi u-Advocate Govender uthe kuyinto enhle ukuthi leli cala lidluliselwe eNkantolo eNkulu.
Amalungu omndeni akubo kamufi athi akufunayo nje ukuthi kube khona abajezayo ngalesi sihluku okwabulawa ngaso ilungu lawo.
Ngaphambilini kwavela ukuthi unina kamufi, uNkk Nomusa Xulu isimo sakhe sibi, namanje akuvumi amukele ukuthi ingane yakhe yehlelwa yilo mshophi.