UMASIPALA weTheku uthe kuzoba lula ukuthi abantu bashintshele ohlelweni olusha lukagesi njengoba kuza uhlelo olusha ngonyaka ozayo.
Lolu hlelo olusha luzokwenza isiqiniseko sokuthi abantu abavimbeki ukufaka ugesi njengoba kuguqukelwa ohlelweni olubizwa ngeSTS 6.
Abantu bebecelwe ukuthi baye emahhovisi kamasipala abizwa ngeSizakala ukuze bathole inombolo ebizwa ngeKey Change Token okuyiyona ebizoqinisekisa ukuthi bayakwazi ukushintsha uhlelo oludala. NgoLwesithathu, uMasipala weTheku uveze ukuthi bonke abadayisi bakagesi sebeyakwazi ukukhipha iKey Change Token.
Okusho ukuthi abantu bazothi uma bethenga ikhadi likagesi ezikhungweni ezivunyelwe ukulidayisa okubalwa amabhange, izitolo nezinye izindawo banikwe iKey Change Token.
IKey Change Token izoqinisekisa ukuthi amakhasimende asebenzisa ugesi wekhadi ayakwazi ukuqhubeka nokuthenga ugesi ngemuva komnqamulajuqu ka-24 Novemba 2024, njengoba kuzoshintsha uhlelo lukagesi olusetshenziswa manje.
Uhlelo olusha luzokwenziwa ngezigaba ezihlukene njengoba ngoJulayi, amaKey Change Tokens ezonikezwa abantu bakulezi zindawo:Westville, Chiltern Hills, Cowies Hill, Atholl Heights, Dawncrest, Dawncliffe, Beverly Hills, Claire Estate, Palmiet, Rouken Glen, Grayleigh, Erin-Go-Bragth neReservoir Hills.
Uhlelo olusha luyafana kuwo wonke amakhasimende futhi kumele azifake zonke izinombolo azithola kwiKey Change Token. Uma amakhasimende kade ethenge ugesi kufanele aqale afake izinombolo zikagesi abe eselandela ngeze Key Change Token.