AMAPHOYISA abophe amadoda amabili asolwa ngokushisa amaloli eMpumalanga.
UBrigadier Athlenda Mathe wamaphoyisa kuzwelonke, uthe amadoda amabili aneminyaka ewu-20 newu-27 abanjiwe ngezigameko zokushisa amaloli.
Umsolwa wokuqala ubanjwe ngonogada abaqashwe enye inkampani yamaloli ePiet Retief kanti owesibili ubanjwe e-Ermelo. Babhekene namacala okucekela phansi impahla.
Esitatimendeni, uKhomishana wamaPhoyisa uGeneral Fannie Masemola, uthe bayawulandela umkhondo wabanye abasolwa abathinteka ekushisweni kwamaloli, wathi kumele bazinikele emaphoyiseni ngoba uma bengenzi njalo bazobavundulula ezidlekeni abacashe kuzona.
Inhlangano yabalimi i-AgriSA isicele uhulumeni kuba atshale amasosha emigwaqweni emikhulu yakuleli emuva kokushiswa kwamaloli awu-21 eMpumalanga, KwaZulu-Natal naseLimpopo.
UMengameli we-AgriSA, uMnuz Jaco Minnaar, uthe izigameko zokushiswa kwamaloli zizoholela ekushoneni kwabashayeli bamaloli ngoba akwaziwa ukuthi abawashisayo bazokwenzani njengoba kuhamba isikhathi.
“Ukushisa amaloli kubeka engcupheni impilo yabashayeli nabanye abantu, kuzowisa umnotho waseNingizimu Afrika, kuphazamise nokukhiqizwa kokudla nezinhlelo zokutholakala kokudla ezitolo,” kusho uMinnaar.
Uthe sebecele uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi ajube amasosha kuyo yonke imigwaqo emikhulu ehamba amaloli.
“Kufanele uhulumeni eze nohlelo oluhlukile, angajubi kuphela amaphoyisa kodwa afake amasosha ngoba nawo anezibhamu ezinkulu futhi awabuzi izinto eziningi uma umuntu enendluzula. Sidinga nokubona izinhloli zisebenza okwangempela ngokuthi zikhiphe abantu abashisa amaloli,” kuchaza uMinnaar.
Uveze ukuthi abalimi bayakhala njengoba ukushiswa kwamaloli asuke ehamba nomkhiqizo oya kwamanye amazwe eshile. Lokhu uthe kusho ukuthi abalimi bazojeziswa, bakhokhiswe nemali abangenayo ngokuthi umkhiqizo awufikanga ngesikhathi.
Uthe abalimi sebephoqeleka ukuthi bathathe umshwalense omba eqolo ngenxa yokushiswa kwamaloli.
Ukhale ngokuthi uma lolu daba lungasukunyelwa, abatshalizimali baphesheya nezinye izinhlangano ezifuna ukudla kwaluleli ngeke zisebenzisane nabo.
Abanye abashayeli abashiselwe amaloli behambisa amalahle neminye imikhiqizo yasezimayini echwebeni laseRichards Bay, bacele ukuthi izikhulu zaseTransnet zisukumele udaba lolayini abade kuleliya chweba.
Bakhale ngokuthi balinda amahora ayisithupha kulayini wamaloli ongaphandle kwechweba namanye amane kuya kwamahlanu uma sebengaphakathi echwebeni besalinde ukuyofaka umkhiqizo endaweni efanele.
Bathe lokhu kubabeka engcupheni yokuhlaselwa yizigebengu ezishisa amaloli ngoba seziyazi ukuthi zizobathola belindile ezindaweni ezithile.
Omunye uthe useyasaba nokuhamba ntambama selokhu kushiswe iloli lakhe, ngakho kufanele izikhulu zechweba laseRichards Bay zizame ukusheshisa umsebenzi.
Uthe okwamanje umqashi wakhe umnike ikhefu njengoba ehlukunyezwe yizigebengu ebezihlome ngezibhamu, zamthathela yonke into yakhe ngaphambi kokuthi zishise iloli.
Ucele uhulumeni ukuthi ayisukumele le nkinga ngoba bayavuka bayosebenza ngenxa yokuthi banezingane namakhosikazi.
Utshele Isolezwe ukuthi unengane eneminyaka ewu-10, eneminyaka emithathu nenonyaka owodwa nezinyanga ezimbalwa.