UNGQONGQOSHE weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnuz Sihle Zikalala uqinisekise ukuboshwa kwabangu200 ngokuphazamisa ukwakhiwa kwezikhungo zikahulumeni esifundazweni, iKwaZulu-Natal.
Ukusho lokhu ngesikhathi evakashele iNkantolo ephakame yaseThekwini, ezohlola inqubekela phambili njengoba nayo ikeyaphazamiseka.
UZikalala uthe njengomnyango besebezizwile izikhalo zabantu abaphazamisa ukwakhiwa kwengqalasizinda ezindaweni eziningi, yingakho besebenzisane namaphoyisa ukubopha izigilimkhuba.
“Ukushesha kokuqedwa kokwakhiwa kwengqalasizinda kubalulekile ngoba kuyasisiza ukuthi siqhubekele phambili ngezinye izinto. Laba bantu abamisa ukusebenza, sithi bayizingebengu ngoba uma umuntu efuna umsebenzi, ulandela imigudu efanele hhayi ukusebenzisa indluzula aphinde athathe izimpilo zabantu.
“Ukwakhiwa kwenkantolo ephakeme yaseThekwini kuke kwathi ukuma njengoba sebeke bafika laba bantu bezophazamisa. Sibambisene namaphoyisa sesibophe abantu abangaphezu kuka200 kwaZulu-Natal, sisazoqhubeka sibophe abanye,” kusho uZikalala.
Eqhuba uZikalala uveze ukuthi ukulungiswa kwenkantolo kuzophothulwa ngonyaka ka2025.