UMBUSO unxenxe ijaji ukuba lilahle umyeni ngecala lokubulala inkosikazi yakhe eyashiswa nemoto emathuneni aseMolweni, eThekwini.
U-Advocate Thabani Buthelezi wenze izethulo zokwendlalela isinqumo ngoLwesihlanu phambi kweJaji Mohini Moodley, eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
UMoodley kulindeleke ukuthi akhiphe isinqumo ngo-Okthoba 6, ukuthi umlahla ngecala noma umkhipha phambili uMnuz Sifiso Ndlovu (49).
UNdlovu uthweswe icala lokuthumba, elokubulala nelocekela phansi impahla okuyimoto iKia Picanto kaNkk Khulukazi Ndlovu (39) ngo-Ephreli 2020.
UButhelezi uthe uMbuso wethule ubufakazi obuqanda ikhanda obuyamanisa uNdlovu nesigameko sokubulawa ngesihluku kwenkosikazi yakhe.
Uthe ubufakazi bamaselula, obe-tracker yemoto kamufi bukhomba ukuthi kwakusho ukuthi kusendaweni eyodwa ngaso sonke isikhathi ngobusuku bango-Ephreli 2 kuya entathakusa ngakusasa.
Uthe ngisho ofakazi boMbuso abanye abasebenza noNdlovu bethule ubufakazi obuyamanisa ummangalelwa necala.
Uchaze nokuthi uNdlovu wabulala inkosikazi yakhe eyayifuna isehlukaniso somshado ngoba uNdlovu wayekade esefuna isithembu, umkakhe elandula ngaso.
UButhelezi uchithe ubufakazi bukaMnuz Lindela Vezi ongumshana kaNdlovu owatshela inkantolo ukuthi ummangalelwa wayelele endlini kwehla isigameko.
Uveze ukuthi inhloso kaVezi bekwiyimizamo yokuhlangula umalume wakhe kuleli cala futhi lo fakazi kuyacaca ukuthi ufunziwe abekade ekusho enkantolo ngoba wayengekho kwenzeka isehlo.
Ummeli kaNdlovu, uMnuz Ka Jairam, ucele ijaji ukuba limkhiphe phambili uNdlovu egcizelela ukuthi akazi lutho ngesehlakalo, wayekade eshisa obude ubuthongo ngesikhathi kuthunjwa umkakhe eze ebulawa.
Ngeledlule, uNdlovu benoVezi baninde indoda engoyokufika ngecala enkantolo ebizwe ngoVipes, bathi iyona eyagcina ukubonakala nomufi esaphila. U-Vipes akaziwa ukuthi ukweziphi izinkalo.
Umndeni kamufi ufuna uNdlovu adilikelwe ijele bese ungcwaba izinsalela okuyizingcucu zamathambo kamufi eziduve emakhazeni emuva kweminyaka emithathu asocongwa.