BAKHUNJUZWE ngezijeziso ezinzima abangabhekana nazo uma bebanjwa benza okungavumelekile endaweni yokubhalela, abafundi baka-matric, ngesikhathi besayina isivumelwano sokubhala izivivinyo ngokwethembeka ngoLwesihlanu.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, nePhini likaNgqongqoshe walo mnyango kuzwelonke, uDkt Reginah Mhaule, bahambele umkhuleko wokunxusela ukubhala okuhle nokungenazihibe kubafundi baleli banga ezweni lonke okuhambisana nokusayinwa kwesivumelwano sokubhala izivivinyo ngokwethembeka, obuseFerrum High, eNewcastle kuMasipala iMajuba.
UNkk Frazer uxwayise abafundi ukuthi baqaphele bangabeki engcupheni ikusasa labo nesithunzi sokubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka ngokuthi benze okungalungile.
“Ngokubambisana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo, sizoqinisekisa ukugwema izinto ezingahambi ngendlela efanele okubalwa kuzo ukuputshuka kwamaphepha alezi zivivinyo. Konke kumi ngomumo ukuqinisekisa ukuthi noma ngabe kuba nemvula enamandla ngesikhathi kuqhubeka ukubhalwa kwazo, kodwa konke okusetshenziswa kuzo kufinyelele ezikhungweni zokubhalela ngesikhathi esifanele,” usho kanje.
Uthe phakathi kwezigwebo abakhumbuze ngazo abafundi ekutheni bangabhekana nazo uma betholakala nezinto ezingalungile ezibasiza ukuthi babhale, ukuqala phansi zonke izifundo umfundi asezibhalile okuyisijeziso esingcono njengoba kukhona nesokuthi amiswe iminyaka ethile ebekiwe, engavunyelwe ukubhala izivivinyo zika-matric.
Lo mkhuleko ubuhanjelwe yizikhulu zomnyango emazingeni ehlukene, othisha, abazali nabafundi baleli banga abebevela ezikoleni ezehlukene esifundazweni.
UDkt Mhaule uthe njengoba kuzoqala ukubhalwa kwezivivinyo, abalindele ukuthi izinga lokuphasa kwabafundi libe ngaphansi kuka-80% ezweni lonke nakulo nyaka.
“Siqale ngo-2019 ukuphucula izinga lemiphumela nesibalo sezingane eziphasayo. Izingane okulindeleke ukuthi zibhale ezweni lonke zingu-723 000 ezifunda ngokugcwele okuyisibalo esikhulu kakhulu. Zonke izifundazwe ziyathembisa ukuthi zizothola imiphumela engaphezu kuka-80%.” usho kanje.
Ubonge othisha ngokuzinikea kwabo njengoba u-matric wakulo nyaka unabafundi abadlule ezikhathini ezinzima ngesikhathi benza amabanga asebedlule kuwo kwazise kube nokuphazamiseka kwezinhlelo zokufunda nokufundisa kugasela ubhubhane iCovid 19, yizibhelu zangoJulayi 2021 nezikhukhula zango-Ephreli nyakenye ezihlasele ezingxenyeni eziningi zeKwaZulu-Natal.