KUGQUGQUZELWA abanamakhadi okuhola izibonelelo asezophelelwa yisikhathi ukuba babhalise ukuzihola ezitolo zakwaShoprite mahhala.
IShoprite iveze ukuthi asikho isidingo sokuthi abantu bame kolayini abade beyovuselela amakhadi ngoba uhlelo lwayo lokuholela izibonelelo lumahhala futhi lunemihlomulo eminingi.
Abafisa ukuhola izibonelelo eShoprite kufanele babhalise ukuba ne-account eShoprite Money Market.
Kufanele babhalise ngokulandela lezi zinyathelo
Cindezela u *120*3534# noma
Uthumele uWhatsApp ku-087 240 5709 noma
Uvakashele iMoney Market esezitolo zakwaShoprite noma
u-download iShoprite app.
Sayina bese uya-downloada incwadi yakho eyisiqiniseko yasebhange.
Downloada ifomu yakwa-Sassa noma ulilande eMoney Market eseShoprite noma eCheckers.
Thatha incwadi yakho eyisiqiniseko sasebhange , ifomu lakwaSassa eligcwalisiwe, umazisi wakho ukuyise emahhovisi akwaSassa aseduze nawe.
Abahola izibonelelo zikahulumeni ngalolu hlelo bazothola ivawusha kaR100 yaseShoprite uma isibonelelo sabo sikahulumeni esiwu-R800 noma ngaphezulu singena kwi-akhawunti yabo yaseMoney Market Account.
Imihlomulo yokuba ne-akhawunti yaseMoney Market:
Akukho mali ekhokhwa nyangazonke. Ikhasimende likhokha uR5 wokukhipha imali ewukheshi. Konke okunye kwenziwa mahhala.
Amakhasimende azokwazi ukusebenzisa imali yawo, athole izaziso ngeSMS uma kwenzeka okuthile kwi-akhawunti yawo.
Ngeke bame olayini abade kuma-ATM njengoba bekwazi ukufaka imali kuzo zonke izitolo zakwa-Shoprite, Checkers nezase Usave ezweni jikelele.
Amakhasimende ngeke akhokhe lutho uma ethumela imali, ethenga i-Airtime, idata, ugesi, amavawusha egilosa, ukukhokha izikweletu noma bekhokhela igilosa besebenzisa amaselula.