ISIBALO, sababhubhe engozini yokushayisana kwetekisi nemoto encane eMtshezi, sesikhuphukele kwisishiyagalombili emuva kokudlula emhlabeni komunye kwabadluliselwe esibhedlela. Lezi zindaba zidalulwe yisitatimende esithunyelelwe abezindaba yiHhovisi leMeya yaseNkosi Langalibalele izolo. IMeya, uMnuz Mduduzi Myeza, noSomlomo wakulo masipala, uMnuz Siphiwe Khumalo, bezwe lezi zindaba ngesikhathi behambele izolo imindeni ebhujelwe yizihlobo. Bayisikhombisa abantu ababhubhe ngesikhathi lezi zimoto zishayisana mahlanze maqede zavutha ngoMgqibelo ebusuku. Isolezwe lithole ukuthi itekisi beyisuka e-Estcourt libangise eWembezi ngesikhathi ivelelwa yile ngozi. UMyeza noKhumalo baye kobhonga emswanini emndenini emine, kweyisikhombisa elahlekelwe ngamalungu ayo kule ngozi. Ngokusho kwesitatimende laba baholi bebehlele ukuvakashela lemindeni ngoMsombuluko kodwa ngenxa yezingqinambi lwagcina luhlehlile uhambo njengoba begcine beye izolo. Siqhuba isitatimende sithe nakuba kunjalo kodwa abanye ebebephuthunyiswe esibhedlela badedeliwe futhi bayalulama emakhaya. IMeya noSomlomo bavakashele umndeni wakwaHadebe eZwelisha ku-ward 15, owakwaShezi eZwelisha ku-ward 15, owakwaSkhosana, KwaSobabili ku-ward 14 nowakwaMdakane ku-ward 14. IMeya ithembise ukuvakashela eminye imindeni esele, okubalwa nalo waloyo osanda kudlula emhlabeni, namhlanje ngo-9 ekuseni. UMyeza ube eseshaya ikhwela elibhekisa emphakathini engosomabhizinisi, amalungu omphakathi naseminyangweni kahulumeni ukuba baphonse itshe esivivaneni emindenini ekhahlamezekile njengoba ludingeka usizo.
"Abazimisele ngokunikela bengaxhumana nehhovisi leMeya ku-036 342 7826 noma ku- [email protected]." Eqhuba uMyeza uthe uyafisa ukuthwala zonke izindleko zomngcwabo wabashonile futhi wathembisa ukwenza isicelo esikhethekile emkhwandlwini ukuba uvume ngenxa yesimo esibucayi umasipala ohlangabezana naso.
"Nginethemba lokuthi umkhandlu wonke uzovumelana nami ngo-elethu ukuthi umasipala ungenelele ngokuthi usize ekuthwaleni zonke izindleko zlkufihlwa kwabasishiyile emhlabeni," kuphetha uMyeza.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi eKZN, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe amaphoyisa amatasatasa aphenya ngembangela yale ngozi. "Icala lokubulala ngokungenhloso liyaphenywa." UNgqongqoshe walo Mnyango, uMnuz Sipho Hlomuka, uvukwe umunyu ngenxa yale ngozi.
"Enye ingozi enyantisa igazi kulesi sifundazwe. Okubuhlungu yenzeke ngenyanga yezokuThutha lapho sisaqhuba imikhankaso yokuqwashisa ngezingozi zomgwaqo. Ithimba labaphenyi limatasa ngokuthola ngokwenzekile kule ngozi.Sinxusa abasebenzisa umgwaqo ukuba baqaphele futhi basindise impilo yabantu," kuphetha uHlomuka.