SEZITHEMBELE ematohweni esikhashana kamasipala izakhamuzi zaseNkandla eziqashwe kwiphrojekthi kaR15 million yokwakha izindonga izinyanga eziyisithupha nokuhloswe ngayo ukuthuthukisa indawo.
UMasipala waseNkandla uqashe izakhamuzi eziwu-120 ngaphansi kohlelo iNkandla Land Rehabilitation Project kuward 3 ngokubambisana noMnyango wezaMahlathi, ukuDoba neMvelo. Lezi zindonga kuthiwa ziyimisele emikhulu esuke idalwe yisimo sezulu nokwenza ukuthi umhlaba ugcine udabuke phakathi ngendlela yokuthi izakhamuzi zingabe zisakwazi ukufinyelela kwezinye izindawo.
Esinye isakhamuzi esiqashiwe, uMnuz Johnson Dladla, waseNgaphakathi, sithe sekuyilona themba labo ukushintshana ngokusebenza kumaphrojekthi esikhashana afika nomasipala kule ndawo. "Imisebenzi ayikho, sesize samukela ukushintshana ngamatoho kamasipala. Uma ungacoshanga, uyalinda. Nathi kulokhu sitholile futhi sekuyiyona impilo yethu ngoba imisebenzi ayitholakali nokwenza sacela lo msebenzi we-EPWP," kusho uDladla.
UNksz Nokukhanya Dlomo waseMalinga uthe le phrojekthi izobe igxile kakhulu kule ndawo yangakubo kanti nokuqashwa kwabo kube ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla kwekhansela labo. "Sinesifiso sokuthola imisebenzi siqasheke kodwa sibona kungcono ukuthola wona amatoho esikhashana kunokuhlala singatholi lutho. Sisizwa yikhansela kule ndawo, liyasizamela kakhulu ngoba nayo le phrojekthi sibe nenhlanhla yokuthi izolungisa endaweni yethu," kusho uNksz Dlomo.
ISekela Meya likamasipala, uNkk Nonhlanhla Nzuza, lithe bakhathazekile ngesibalo esiphezulu sezakhamuzi ezingasebenzi ngakho benza konke okusemandleni ukuqhamuka namathuba omsebenzi ukuze abantu bakwazi ukulwa nobubha.
"Lolu hlelo lungenye yemizamo yokuxosha ikati eziko futhi asizukugcina ngalo. Imeya isemkhankasweni wokuqeqesha intsha ngamakhono ahlukene ukuze izokwazi ukuhlomula kweminye yemisebenzi ekhishwa wumasipala," kusho uNkk Nzuza.