SEBEQALILE ukuthutheleka enkundleni yezemidlalo abantu abazophelezela uNdunankulu kaZulu okhotheme, Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Izicukuthwane, amalungu e-IFP namabutho sebeqalile ukungena enkundleni yezemidlalo iPrince Mangosuthu Buthelezi, oLundi, lapho kuzokuba khona nenkonzo yokugcina kaButhelezi.
Amabhasi namakhumbi aqhamuka ezingxenyeni ezahlukene zezwe alokhu eqhubekile nokuletha abantu abaze enkonzweni.
Kulindeleke abantu abangaphezu kuka-20 000 ukuba bahambele le nkonzo.
UButhelezi uhlonishwe ngomngcwabo kahulumeni osesigabeni sokuqala.
UMengameli Cyril Ramaphosa uyena ozokwethula inkulumo yosuku.
Inkonzo kulindeleke ukuthi ihanjelwe izicukuthwane eziqhamuka emikhakheni eyahlukene okukhona kubo ababengomengameli, uMnuz Thabo Mbeki, Jacob Zuma, Kgalema Motlanthe, kanye nowayengumengameli waseNigeria uMnuz Olusegun Obasanjo.
Emva kwenkonzo yomgcwabo, uButhelezi uzokube eseyotshalwa emzini wakhe KwaPhindangene.
Amaphoyisa anxuse abantu abeze enkonzweni ukuba baziphathe kahle.
Amabutho azovunyelwa ukungena nezinduku nemikhonto, kepha izibhamu azivumelekile.
Okunye okuphawulekile ukuba khona komdwebi odumile, uRasta, ovele oseqalile ukudweba uShenge. Le nsizwa yaziwa kakhulu ngemidwebo engashayi ncamashi kodwa ungomunye wabantu abahambele umngcwabo.