SEBEQALILE ukuyithola imali yabo ye-Unemployment Insurance Fund (UIF) abebengabasizi bothisha eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal.
UNksz Gugu Khomo, iPhini loMqondisi-Jikelele we-UIF esifundazweni, uthe bangu-1 746 abebengabasizi bothisha abakhokhelwe uR7.7 million esifundeni Amajuba.
Uthe bakhokhelwe kusuka ngoNovemba 21 kuya kuNovemba 25 ukulungiselela imbizo kaNgqongqoshe wezabaSebenzi, uMnuz Thulas Nxesi.
Laba basizi babeqashwe ngaphansi kohlelo lokwakha amathuba omsebenzi lukaMengameli Cyril Ramaphosa, iPresidential Youth Employment Initiative (PYEI), ngaphansi koMnyango weMfundo eyiSisekelo ezweni lonke.
“Ngesikhathi kuphela izinkontileka zabo bekumele bathole imali esikhwameni i-UIF. Ngenxa yokuthi besilindele ukuthi babe baningi abazofaka izicelo zokukhokhelwa le mali, sibe sesixhumana nehhovisi lezemfundo eMajuba ukuze sakhe uhlelo lokuthi bangabi bade kakhulu olayini emahhovisi ethu.”
Uthe lolu hlelo beluhlanganisa nokuthi kube nezindawo lapho bekuzosetshenzelwa khona kubhekwe ukuthi kumele yini labo abafaka izicelo bathole le mali.
“Emuva kokuphothula lonke uhlelo, sibe sesiya kulezi zindawo esihlinzekwe zona wuMnyango wezeMfundo ukuze sikwazi ukuqala sikhokhe le mali. Lusheshile uhlelo lokukhokha, kwangaba nazihibe ngoba bese siyitholile imininingwane esiyidingayo ukuze sikhokhe.”
Uthe bebesebenzisa amaselula ukukhokha ngoba labo abebekhokhelwa bebengena ngawo kalula ohlelweni lwe-uFiling bafake izicelo ngakho indaba yamaphepha ibingekho.“
Uthe uhlelo olufuze lolu luzonabela nakwezinye izingxenye zesifundazwe, wathi bazomemezela maduzane izinsuku oluzofika ngalo kulezi zindawo.
Omunye wabasizi okhokhelwe imali yakhe, uNksz Yenziwe Simelane, uthe uhlelo belushesha kakhulu.
Ngemuva kokuphela kwezinkontileka, uMnyango wezeMfundo wanxusa laba basizi ukuthi bafake izicelo zokukhokhelwa imali yabo kulesi sikhwama.
Kwenzeka lokhu nje iqoqo lesine ngaphansi kwalolu hlelo luzoqala ukusiza ezikoleni ngonyaka ozayo.