UMQONDO wabuya selimbona elele ebheke phezulu esibhedlela owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa iphoyisa eliwufakazi wenkantolo, ukuthi umuzi wakwaKhumalo ababewushiye ngemumva uyindawo yesigameko, okwakubulewe kulo umuntu.
Lokhu kushiwo uSergeant Timothy Mathebula, ongufakazi obesebhokisini lofakazi izolo ecaleni lokubulawa kukaMeyiwa.
Wayengelinye lamaphoyisa okuqala afika endaweni yesigameko okwadutshulwa kwabulawa kuyo uMeyiwa ngo-Okthoba 26, 2014.
UMathebula ubelandisa inkantolo ngokuthi yena nozakwabo owethule ubufakazi bakhe ngoLwesibili, uSergeant Mlungisi Mthethwa, yibo abahambela indawo yesigameko kuqala.
Uthe babehamba namanye amaphoyisa amabili ayizitshudeni, kanti bafika bangahlala kwaKhumalo, lapho abafica khona umalume kaKelly Khumalo owabatshela ukuthi abanolwazi ngokuthi kwenzekeni basahambile basesibhedlela, yena uyalelwe ukuthi azogada umuzi.
"Umqondo wabuya ngesikhathi umhlengikazi uNceketho esithatha esiyisa ewodini okwakulaliswe khona ungilwa, esikhombisa inxeba esifubeni, elele ebheke phezulu. Kuyilapho sabona khona ukuthi lana sibhekene necala eliphezulu," kusho uMathebula.
Uthe yilapho abashayela ucingo khona esiteshini samaphoyisa ukuthi kuze amanye amaphoyisa esibhedlela ukuze bona bakwazi ukusheshe babuyele endaweni yesigameko, kwaKhumalo.
Empheka ngemibuzo u-Advocate Zandile Mshololo, ongummeli kammangalelwa wesihlanu, uMnuz Sfisokuhle Ntuli, umbuzisise ukuthi kungani bengayivalanga ngentambo ekhombisa ukuthi kwakuyindawo yesigameko ngaphambi kokuthi banikele esibhedlela?
UMathebula uphendule ngokuthi: "Asicabanganga."
Umbuze ukuthi uyakuqonda yini ukubaluleka kwalokho okulindeleke emaphoyiseni uma efika endaweni yesigameko. Nalapho uMathebula uphendule futhi ngokuthi abacabanganga.
Ubuye waveza nokuthi abazange bakucabange ukuthi bazihlukanise kabili, abanye baye esibhedlela, abanye basale kwaKhumalo. Lokhu ukusho ngesikhathi uMshololo embuza ukuthi babengazihlukanisi ngani kabili?
Ubuye waveza nokuthi igobolondo lenhlamvu athe balibona sebebuya esibhedlela, abazange balibone ngesikhathi bengena endlini okokuqala.
"Ngesikhathi singena okokuqala saqaphela isigqoko esasiphansi, saphinde sabona induku edondolozela umuntu olimele kodwa asikunakanga ngoba sasizitshela ukuthi okwabantu ababesendlini. Saqaphela sesibuya esibhedlela sesihamba noNksz Ntombi Khumalo, ukuthi isigqoko kwakungesomsolwa nokuthi induku iyingxenye yobufakazi ngoba bathi bashaya ngayo umsolwa," kusho uMathebula.
Ngezikhathi zantambama kubuye uWarrant Officer Thabo Mosia, okuthiwa kwabizwa yena ukuthi azoqhubeka nokuqoqa ubufakazi endaweni yesigameko emva kokutholakala ukuthi umufi kwakuwuSenzo Meyiwa.
Icala liyaqhubeka namuhla.