KUDONSWE ngendlebe abakhipha imali emishinini yasemabhange ekhipha imali (ATM) ukuba baqaphele njengoba sekuyisikhathi samaholidi.
Ibhange iFNB lithe njengoba kuphithizela namaqola ayaphithizela afuna intuba yokuqola abantu imali abayisebenzele kanzima.
UNksz Zibu Nqala, obhekelele izindaba zokukhishwa kwemali eFNB, uthe ngesikhathi samaholidi kaDisemba abantu bavamise ukukhipha imali eningi ukuze bagibele ikakhulukazi uma beya emakhaya.
Uthe lokhu kwenza amaqola abacuthele emishinini yemali ngakho kufanele bahlale beqaphile.
Ube esekhipha la masu ambalwa
- Fundisisa kahle okushiwoyo ngaphambi kokufaka inamba eyimfihlo yokukhipha imali.
- Ungayisebenzisi imishini yokukhipha imali elimele futhi ungaphoqi ukufaka ikhadi lakho uma lingavumi.
- Uma kukhona ongakuboni kahle emibhalweni ekhonjiswa kwi-ATM noma kufilizela, ungalokothi ufake inamba eyimfihlo. Suka kulowo mshini.
- Ungayiniki muntu inamba yakho eyimfihlo yokukhipha imali futhi ungayibhali phansi.
- Naka ukukhipha imali uma usemshinini wokukhipha imali, ungalokhu ubuka abazama ukukuphazamisa noma ukubuza okuthile ngesikhathi umatasa nokukhipha imali.
- Fihla umshini wokukhipha imali uma ufaka izinamba zakho eziyimfihlo.
- Zikalele ukuthi uzokhipha malini ngosuku.
- Qaphela abantu ongabazi abakugqugquzela ukuthi usebenzise umshini wemali othile.
- Kungakuhle ukuthi usebenzise uhlelo lokukhipha imali emshini wemali olungadingi ukuba usebenzise ikhadi lakho (cardless withdrawals).
“Siyacela abantu baqinisekise ukuthi basebenzisa zonke izindlela zokukhipha imali abazinikwe yibhange labo. Bangakhipha imali ezitolo uma bethenga, bangasebenzisa ama-app asemafonini, bathumele imali ngeselula ngaphandle kokuyoyikhipha. Siyacela baqaphele kakhulu kulesi sikhathi,” kusho uNksz Nqala.
Uphethe ngokuthi abasebenzisa izinhlelo za-online bangalokothi baciphize ama-link abangawazi, baqaphele kuzo zonke izindawo lapho besebenzisa khona imali.