ISOUTH African Weather Service (SAWS) isikhiphe isexwayiso sokuthi bahlale beqaphile abantu abasezindaweni eziseNtshonalanga yeKwaZulu-Natal njengoba kulindelwe amathuba emvula awu-80%.
Izindawo okulindeleke ukuthi zibe nemvula eningi namhlanje yi-Newcastle, Vryheid, Ladysmith, Greytown, Estcourt, Mooi River, Giants Castle ne-Underberg.
Lesi sixwayiso asikhishiwe kuphela KwaZulu-Natal kodwa naseGauteng sikhishiwe.
UNksz Ayanda Ntsele oyisazi sezulu eSAWS KwaZulu-Natal uthe imvula ezona izohambisana nomoya onamandla.
Ucele abantu ukuba bahlale beqaphile ezindaweni ekukhishwe kuzo isixwayiso.
Uveze ukuthi uma bekhipha isixwayiso semvula enkulu basuke bexwayisa abantu ngokuthi izohambisana nezikhukhula.
Ucele abashayelayo ukuba baqaphele uma besemgwaqweni, ikakhulukazi lapho kuvamise ukugcwala khona amanzi uma lina.
Uveze ukuthi namhlanje kuze kube wuLwesihlanu ayiningi imvula elindelwe kodwa wacela abantu ukuthi balokhu bebheka izimemezelo zeSAWS ezikhishwa usuku nosuku.
Uhulumeni uveze ukuthi amathimba ezinhlekelele ami ngomumo iNingizimu Afrika yonke ukubhekelela isimo sezulu esingesihle.
KwaZulu-Natal amathimba ezinhlekelele selokhu aqala ukuma ngomumo ngesonto elidlule.
Kucelwe ababhekana nezingqinamba ezilethwa yisimo sezulu esingesihle ukuba bathinte amakhansela abo noma amathimba ezinhlekelele alapho behlala khona.