UMNYANGO wezeMpilo kuleli uthe imithi yokwelapha isihlungu sezinyoka esingena emzimbeni womuntu ngokulunywa yiyo, ama-anti venom isihanjisiwe kwezinye izikhungo zezempilo ebezishodelwa yisitokwe sayo.
Le mithi ikhiqizwa yisikhungo esisodwa kuleli iSouth African Vaccine Producers (SAVP), engaphansi kweNational Health Laboratory Service (NHLS).
NgoDisemba kubikwe ukuthi iyashoda le mithi ngoba lesi sikhungo sinenselelo yokuthola ezinye zezithako ezisetshenziswayo uma kuhlanganiswa enamandla okwelapha.
Ubutho okukhulunywa ngabo obezinyoka ezifana nemamba emnyama neluhlaza, ibululu, imfezi nezinye izinyoka eziyingozi ezitholakala kuleli, obekuholela ekutheni izikhungo zezempilo zilinde isikhathi eside uma zifake i-oda lale mithi.
Okunye obekuyingqinamba ukuthi kuleli kunenkinga yokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga okuholela ekutheni izithako ezidinga ukuhlala ezingeni elithize lokubanda zonakale.
Muva nje ongoti abelapha ubuthi bezinyoka kuleli abangu-27, babhale incwadi evulelekile becela uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Joe Phaahla ukuthi angenelele.
Bacele ukuthi ahlinzeke iSAVP ngoxhaso lwemali ukuze ikwazi ukuthenga ama-generator nezinye izithako ukuze kungabi khona isikhungo sezempilo esishodelwa yile mithi.
Kule ncwadi ongoti bebethi kunezikhungo zezempilo zikahulumeni nezizimele KwaZulu-Natal naseMpumalanga ezingasenayo le mithi okubeka engcupheni abasebenza emapulazini, umphakathi jikelele nemfuyo okwenzekayo ilunywe izinyoka idinge ukwelashwa ngale mithi.
UMnyango uthe iNHLS ihambise imithi engu-1 422 ezikhungweni ezahlukene kuleli phakathi kukaDisemba noMashi futhi isaqhubeka nokuyithumela lapho idingeka khona. Imithi engu 1 077 ebhekelele izimo eziphuthumayo, igciniwe
Okhulumela uPhaahla, uDoctor Tshwale, uthe: “I-NHLS iqinisekise umnyango ukuthi asikho isikhungo esisashodelwa ngama-anti venom njengamanje.
Isitatimende seNHLS esithunyelwe kwabezindaba sithe: “Esikhathini esingangenyanga, sizobe sesisinciphise kakhulu isibalo semithi engaphansi kwesibalo esidingekayo ezikhungweni zezempilo ukuze kusebenzeke kahle.
“Abaphathi be-NHLS basiqaphile isimo futhi benza isiqiniseko sokuthi bathatha izinyathelo ezizokwenza ukuthi lolu daba lusheshe luxazululeke.
“Ukunqanyulwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kusaqhubeka nokuba nomthelela omubi ekukhiqizeni kwethu le mithi.
“Siyakubona futhi siyakuthokozela ukukhathazeka komphakathi ngokushoda kwemithi yokulunywa yinyoka, sinxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangethuki. Sisebenza kanzima ukulungisa lesi simo," kuphetha isitatimende.