UMNYANGO wezeMpilo uthi abantu abangatatazeli ngokuthi inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO) nenhlangano ebhekele izifo e-Afrika, i-Africa Centres for Disease Control (CDC) imemezele iMpox njengesimo esiphuthumayo e-Afrika.
UMqondisi-jikelele we-Africa CDC uDkt Jean Kaseya ememezela isimo esiphuthumayo ngeMpox kuleli sonto, uthe kunesidingo esiphuthumayo sokuthi umphakathi womhlaba wonke uthathe izinyathelo ezinqala ukuze kuqedwe lesi sifo. Wathi okungenani angu-13 amazwe ase-Afrika abike ukubheduka kwezifo kulo nyaka.
Okhulumela uMnyango wezeMpiloi, uMnuz Foster Mohale, uthe okwamanje asikabi khona isidingo sokuthi umphakathi wakuleli uphakamise amaphaphu ngalolu daba.
Uthe iNingizimu Afrika inemithamo eyanele yemithi yokwelapha lesi sifo. Wathi umnyango uthole enye inqwaba ye-Tecovirimat, eyaziwa nangokuthi i-TPOXX, enikelwe yi-WHO, njengengxenye yokwesekwa okuqhubekayo emizameni yokusiza iNingizimu Afrika ukuthi ilawule lesi sifo.
"Ukuvikela kungcono kunokwelapha, ngakho abantu akumele bagxile ekusebenziseni izindlela zokuzivikela zokuhlanzeka nokusheshe basukume uma bebona izimpawu noma beke basondelana nabanaleli gciwane," kusho uMohale.
INingizimu Afrika isiqinisekise izigameko zabahaqwe ileli gciwane ezingu-24 ezaseGauteng , ezingu-11 ezakwa-KwaZulu-Natal nesisodwa saseWestern Cape. Bathathu abashonile ngenxa yalesi sifo.