NJENGOBA umphakathi namaqembu ezepolitiki eyilinde ngabomvu imiphumela yokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe, uhulumeni uthi phansi amaphaphu.
Okhulumela uhulumeni uNksz Nomonde Mnukwa, uthe njengoba lusaqhubeka uhlelo lokuqinisekisa imiphumela yokhetho, abantu ababeke umoya phansi.
Uthe uhlelo luthatha isikhathi ngoba kudingeka kwenziwe izinto eziningi okubalwa ukwaba izihlalo zasePhalamende, kanjalo naseziShayamthetho zezifundazwe.
Uchaze kanje uNksz Mnukwa:“IKhomishini yezoKhetho ivulelekile ohlelweni lokuqinisekisa imiphumela ukuze ukhetho kube ngolukhululekile. Le miphumela kudingeka icwaningwe yizinkampani zabacwaningi eziqokwe ukwenza lo msebenzi.”
Uqhube wathi amaqembu ezepolitiki ayakwazi ukuzicwaningela imiphumela wathi ngokomthetho imiphumela kumele imenyezelwe ezinsukwini eziyisikhombisa ngemuva kokhetho.
“Izinsuku eziyisikhombisa ziphela ngoJuni 5, 2024. IKhomishini iyona kuphela enelungelo lokumemezela imiphumela yokhetho. Asikho esinye isikhungo noma abahlaziyi kanjalo namaqembu abanelungelo elisemthethweni lokumemezela imiphumela yokhetho.”
Uxwayise amaqembu ukuthi angasheshi amemezele imiphumela. Uthe uma seyimenyezeliwe imiphumela, uhlu lwabazomela amaqembu ePhalamende luzonikezwa umengameli wamajaji.
Uzobe eseludlulisela kunobhala wePhalamende.
“La malungu kudingeka afungiswe, bese kuphakanyiswa igama lomuntu ozoba ngumengameli, ozovotelwa amalungu. Uhlelo lokuvotelwa kukamengameli lusingathwa nguJaji Raymond Zondo.”
Uhulumeni usho lokhu nje kulindeleke ukuthi ikhomishini idedele imiphumela yokhetho kusasa. Kuthiwa imiphumela yesikhashana ize ifakwe emqulwini kahulumeni iGovernment Gazette.
Umcimbi wokumemezela imiphumela yokhetho KwaZulu-Natal, use-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, kanti uqala ngo-4 ntambama.
Okazwelonke useMidrand, kanti wona uqala ngo-6 ntambama.
Lolu khetho belubhekwe ngabomvu kanti belufaniswa nolokuqala olwabanjwa ngaphansi kwentando yeningi ngo-1994.