UMLINGISI womdlalo weSABC 1 Uzalo, uMenzi Nxumalo uhole imashi yokucelela umsebenzi abantu abakhubazekile futhi eqwashisa ngesihlava sokubulawa nokuhlukunyezwa kwabo.
Imashi ibisuka epaki iKing Dinuzulu, yaze yaphela ngaphandle kweCity Hall eThekwini, ngoLwesine.
UNxumalo ongumsunguli wenhlangano engenzi nzuzo yabantu abakhubazekile, iNokusa, uthe inhloso ngemashi wukunxusela abantu abakhubazekile ukuthi banikwe amathuba emisebenzi njengabo bonke abantu futhi kube nezinhlelo zokubathuthukisa.
Bebehamba bephethe ibhokisi ngesikhathi bemasha. UNxumalo uthe ibhokisi beliwuphawu lokuthi bayasivala isihlava sokuhlukunyezwa kwabantu abakhubazekile.
“Ibhokisi belivala ukuthi abantu abakhubazekile baphelelwe imsebenzi, bebe benawo amakhono okusebenza,” kusho uNxumalo.
Omunye wabebeyingxenye yemashi, uNksz Thandiwe Msizazwe waseNanda, uthe okumgqugquzele ukuthi abe semashini wukuthi usebenza ngokunakekela abantu abakhubazekile futhi unothando lokubasiza.
“Ngifisa ukuthi kube nendawo uhulumeni ayakhayo, yokugcina abantu abakhubazekile, abahlukumezekayo emakhaya. Isikhathi esiningi abasebenzi futhi abakwazi ukuzimela noma bazikhulumele ngezimo ezinzima ababhekene nazo,” kusho Msizazwe.
Omunye okhubazekile, uMnuz Senzo Gumede obesemashini, uthe into ebahlukumeza kakhulu wukuvalelwa ngaphandle emathubeni omsebenzi.
“Mina nje bengisebenza ngaphambi kobhubhane iCovid-19 kodwa umsebenzi waphela ngesikhathi sesisebenzela emakhaya. Mina angibange ngisabuyiselwa, ngashiywa ngaphandle. Nesibonelelo esinikezwa sona asizaneli izidingo zami nomndeni,” kubeka uGumede.
Badlulisele uhlu lwezikhalo zabo kuMnuz Njabulu Zungu, obevela ehhovisi leMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda ukuze azidlulisele kumasipala.