Uyazikhipha uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal odabeni lonogada abadube umsebenzi esibhedlela iNorthdale, eMgungundlovu, ngoba bengaholanga.
UMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, ekhuluma ohlelweni lomnyango i-KZNHealthChat DotGov, ngoLwesihlanu, uthe umnyango awunabo onogada bawo, uba nezinkontileka nezinkampani bese zikhokhelwa ngomsebenzi wazo, njalo ngenyanga.
Uthe onogada abadube umsebenzi abaqashiwe yibona kodwa baqashwe yizinkampani ezinezinkontileka nomnyango ngakho kuyabakhathaza ukuthi uma bengaholile noma benezinkinga nabaqashi babo, bavimbele iziguli ukuthi zingene esibhedlela ngoba kabakweletwa yisibhedlela, bakweletwa yilezo zinkampani.
Ngokuthola kweSolezwe onogada baqale bavala amasango esibhedlela, obekuphazamisa iziguli ezingena esibhedlela. Bekhuzwa bayeka kodwa kuze kwashaya uLwesihlanu bengakabuyeli emsebenzini, beme ngaphandle.
Uthe sekuyinsakavukela ukuthi abasebenzi abaqashwe yizinkampani ezinezinkontileka nomnyango badubele ezikhungweni esikhundleni sokulungisa izinkinga nabaqashi babo.
UMnuz Ayanda Zulu onguNobhala wenyunyana yabasebenzi iNehawu, uthe bayabeseka abasebenzi abalaxaze umsebenzi ngoba bengaholanga, bafuna umnyango nomqashi balungise udaba ngokushesha, kodwa umphathiswa, uthe: "Ngokwazi kwethu, ayikho inkampani engakhokhelwanga ngomsebenzi ewenzile. Uma kungenzeka ukuthi inkampani ayikhokhelwanga njengoba kuthiwa isho njalo kubasebenzi, iphutha likuyo. Uma ilethe amaphepha okukhokhelwa ngemuva kwesikhathi iphutha likuyo. Kunesikhathi esibekiwe sokuthi inkampani iwaletha nini lawo maphepha."
Sekuyinto evamile ukuthi izinkinga zezinkampani ezinezinkontileka zikapakele ekusebenzeni kwezibhedlela. Ekuqaleni kwenyanga, abasebenzi abahlanza esibhedlela iKing Dinuzulu - ebebesebenzela inkampani iNdlamlenze Cleaning Services - bebekhala ngokwephucwa isinkwa ile nkampani okuthe uma sekumele kuvuselelwe izinkontileka yashiya abanye ngaphandle. Abasebenzi baze baya e-CCMA ngoba bekholwa ukuthi uhlelo alulandelwanga kahle.