UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo kuleli, uNksz Siviwe Gwarube, usexwayise othisha abasaqhubeka nokubhaxabula abafundi ukuthi bazobhekana nengalo yomthetho njengoba umthetho osanda kusayinwa wezikole, ukubeka kucace okufanele kwenziwe kwabasaqhubeka nalo mkhuba omubi.
UNksz Gwarube uthe bahlabela phambili nalo mthetho iBela, osayinwe muva nje nguMengameli Cyril Ramaphosa.
Uthe udlame olubhekiswe kubafundi lwande kakhulu ngasohlangothini lothisha abasaqhubeka nokusebenzisa induku ezikoleni nakuba yavalwa kudala.
Uveze ukuthi bahlabela phambili nakuba kusanezingxoxo ngezinye izigatshana ezimbili, ezingeke ziqale ukusebenza okwamanje.
“Ngaphansi kwalo mthetho ubekwa amacala uma uqhubeka nokushaya abafundi,” kusho uNksz Gwarube.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ehambele KwaZulu-Natal, ukuzohlanganisa amehlo nobuholi bomnyango esifundazweni.
Ngesikhathi ethatha izintambo emnyangweni wakuveza ukuthi uzohambela izifundazwe ezehlukene ahlanganise amehlo aphinde ezwe izinkinga ezikhona.
Ukhuluma kanje ngalo mthetho uvele unyambanambana kwezinye izinhlaka kwezemfundo kulandela ukuduba umcimbi wokusayinwa kwawo, owawusezindlini zoMbuso ePitoli.
Kukhona abafuna uRamaphosa, amkhombe indlela ngokuduba lo mcimbi njengoba iqembu lakhe i-DA, lingahambisani nalo mthetho.
URamaphosa wabeka uhlelo lwezinyanga ezintathu zokuthi kubhekwe kabanzi lezi zigatshana ezimbili, uma kungavunyelwani ngazo wathi kuzoqhutshekwa njengoba esayinile.
UNksz Gwarube uthe bekubalulekile ukuthi beze eKZN ukuze babhunge ngezithinta inkiyankiya yokushoda kwemali kwezemfundo.
Uthe bathemba ukuthi kukhona ukuntwela ezansi okuzokwenzeka ngezinkinga zemali emnyangweni.
“Asifuni kube nokuphazamiseka kokufunda nokufundisa ngenxa yale nkinga. Kubalulekile ukuthi kube nothisha ngaso sonke isikhathi phambi kwabafundi.”
Uveze ukuthi izinkinga zemali aziqali manje emnyangweni kodwa kunesikhathi zikhona.
“Sinabafundi abaningi eKZN futhi kuyisifundazwe esisithatha njengaleso esisemakhaya ngoba izikole eziningi zisemakhaya. Zithembele kuhulumeni ngezinsiza.”
IPhini likaNgqongqoshe uDkt Reginah Mhaule, lihambe emazwini kaNksz Gwarube, lathi iKZN iyona enesibalo esikhulu sothisha.
“Uma kunyuswa imali yabasebenzi kodwa ingekho imali esiyinika umnyango waseKZN, nakanjani uzothwala kanzima ngoba kudingeka uhlwaye imali kwezinye izinhlelo. Yingakho kubalulekile ukuthi isifundazwe esifana nalesi sibhekelwe ngezimali.”