UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo usubuyekeze ifomu elinikwa abafundi bakwa-matric, lokuvuma noma bangavumi ukuthi imininingwane yabo yemiphumela ishicilelwe emaphephandabeni.
Lokhu kulandela ukuthi kube nomhlangano womnyango ne-Information Regulator ngodaba lokushicilelwa kwale miphumela.
USihlalo we-Information Regulator u-Advocate Pansy Tlakula, uthe banelisekile ngokuthi umnyango ulandela yonke imigomo ebekiwe ngaphansi komthetho iProtection of Personal Information Act (POPIA) mayelana nokushicilelwa kwemininingwane yabafundi.
Uthe bebengafuni ukuthi kube nokudideka njengoba kwenzeka nyakenye mayelana nokushicilelwa kwemiphumela.
“Sinesibophezelo sokuthi sibhekele ukukhishwa kolwazi yingakho sinxuse ukuthi kube nezichibiyelo efomini elinikwa abafundi abebevuma ukuthi kushicilelwe imininingwane yabo. Emhlanganweni wakamuva nomnyango, zenziwe lezi zichibiyelo ezizokwenza ukuthi umfundi avume noma aphinde ahoxise ukuvuma kwakhe ukuthi kushicilelwe imininingwane yakhe emaphepheni nakwezinye izinkundla.”
Uncome umnyango ngokuhambisana nayo yonke imigomo ebekiwe.
Nyakenye kwaqala kwaba nokudideka ukuthi ngabe le miphumela yayizoshicilelwa yini emaphepheni emuva kokuphasiswa komthetho kodwa kwagcina ngokuthi ishicilelwe.
U-Advocate Tlakula uthe umnyango ushicilele amafomu abafundi ababhala u-matric ababalelwa ku-900 000.
“Okwenze safuna kube nezichibiyelo efomini ngukuthi belingasho ukuthi umfundi uyavuma noma akavumi yini ukuthi kukhiswe imininingwane yakhe yemiphumela.”
Uthe bazoyibheka imigomo yomnyango ethinta ukushicilelwa kwemininingwane yabafundi.
Kuzokhumbuleka ukuthi inhlangano yabafundi iCosas ayihambisani nokushicilelwa kwemiphumela yabafundi emaphepheni.
Le nhlangano ikhala ngokuthi kwamanye amagama imiphumela ayishicilelwa kodwa abafundi bayilanda ezikoleni ngakho nalabo abenza u-matric kumele bayilande khona.
Kodwa umnyango wazivikela ngokuthi ukushicilelwa kwemiphumela sekufana nosiko okukudala lwenzeka wathi usuke wenzela nalabo abasuke bekwezinye izifundazwe ukuthi bakwazi ukubona imiphumela yabo.
Kwagcina sekuvunyelwana ngokuthi okungenani kushicilelwe izinombolo zezivivinyo abafundi ababhale ngazo kuphela angakhishwa amagama nezibongo zabo ukuze bavikeleke.