PHEZU kokuba uMnyango weMfundo eyisiSekelo ubhekene nengwadla yokushodelwa isabelomali kodwa kudingeka izikhala eziwu-250 000, ukuze kwanele bonke abafundi bakwaGrade R.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ephendula umbuzo welungu le-FF Plus ePhalamende, uDkt Johannes Boshoff.
Usho lokhu nje, umnyango ubhekene nengwadla yokushoda kwemali njengoba izikhulu zawo zihlala zikhala ngenkinga yokungeneli kwemali.
Lokhu kwenza ukuthi kwezinye izifundazwe singeke sandiswe isibalo sothisha ngenxa yenkinga yemali.
“Babalelwa ku-1 million abafundi abazoqala uGrade R ezikoleni. Sidinga izindawo eziwu-250 000 ukuze abafundi bakwaGrade R, banele bonke.”
Uthe ezifundazweni ezifana neMpumalanga, KwaZulu-Natal nezinye, othisha bafundisa abafundi abevile ku-30.
Kuzokhumbuleka ukuthi uGrade R usanda kungena ngokuphelele eMnyangweni wezeMfundo, usuka eMnyangweni wezeNhlalakahle.
Umthetho osanda kusayinwa wezikole i-Bela, wenza kube yimpoqo ukuthi uGrade R ube sezikoleni.
Abafundi sebezoqala kwaGrade R ezikoleni. Phambilini, bekuyimpoqo ukuthi abafundi baqale isikole kwaGrade 1.
Izinyunyana zothisha zikhala njalo ngokungabhekelelwa ngendlela kothisha abafundisa uGrade R.
UNksz Gwarube uveze ukuthi bangu-749 957, abafundi abenza uGrade R okwamanje kuleli.
Ubalule ukuthi iKZN yisona sifundazwe esinabafundi abaningi abenza leli banga.
“Bangu-167 000 abenza uGrade R eKZN, kulandele iLimpopo ngabangu-117 000, kuze iGauteng ngabangu-113 000. INorthern Cape iyona enesibalo esincane sabafundi abenza uGrade R ngabangu-19 253,” kusho uNksz Gwarube.
Sekube nesikhalo ngabafundi abasala endleleni kuleli, abangafinyeleli ka-matric.
Minyaka yonke babalelwa ku-700 000 ababhala u-matric ekubeni bebalelwa ku-1 million abasuke beqale uGrade 1.