UHLELO lokudla ezikoleni, ukungaxoshwa kwabafundi abakhulelwe, ukuqinisa uhlelo lokufunda luhambisane nokudingwa ngumnotho ngezinye zezinto ezenziwa nguMnyango weMfundo eyisiSekelo ukugcina abafundi besezikoleni.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe walo mnyango uNkk Angie Motshekga, ephendula umbuzo welungu leDA uMnuz Baxolile Nodada ePhalamende, obuze ngezinhlelo zomnyango zokuthi abafundi bangalaxazi isikole.
UNkk Motshekga uthe bafuna sande isibalo sabafundi abaphothula u-matric.
Uthe njengoba kuyimpoqo kubafundi ukuthi benze uGrade R kuya kuGrade 9, lokhokungenye yezindlela zokubagcina besezikoleni.
“Inqwaba yabafundi iyafunda kuze kufinyelele ebangeni elingeyona impoqo kubona, abanye bese beyeka ukufunda abanye bahambe bayofuna imisebenzi. Ukhale ngokugadla kweCovid-19 okubuyisele emuva imizamo yabo yokugcina abafundi ezikoleni.”
Uthe nokukleliswa kwezweuma uliqhathanisa namanye amazwe kuveza ukuthi ukushiya kwabafundi isikole phakathi akuyona inkinga.
“Inkinga yindaba yamakhono ebhekene nentsha yakuleli. Inkinga enkulu ke le ebhekene nezwe kuneyentsha eshiya phakathi.” Uthe njengoba benezinhlelo ezifana nokudla ezikoleni bayakwazi ukugcina intsha eningi isezikoleni.
Ikhathula indima enkulu ngakho abanye abafundi baqhubeka nokufunda ngoba basuke bezothola ukudla.”
Uthe nabafundi abaningi bayagqugquzeleka ukuthi babuyele ezikoleni uma kungukuthi bebekhulelwe.
“Umgomo okhona ngukuthi noma ukhulelwe kumele wesekwe uze uyobeletha. Uyagqugquzelwa nokuthi usheshe ubuye uma usubelethile uzoqhubeka nezifundo zakho, okwenza abafundi bangadubi.”
Uthe olunye ucwaningo luveza ukuthi abanye abafundi abahlulwa yizifundo bayasilaxaza isikole.
“Umbiko weCensus i-2019 General Household Survey, uveza ukuthi u-34% wentsha ephakathi kuka-16 no-18, awufundi ngoba uhlulwa yizifundo. Omunye u-25% uveze ukuthi awukwazi ukukhokha imali yesikole yingakho ungafundi.”
Uthe yingakho benohlelo lwezikole okungakhokhwa kuzona imali yokufunda ukuze kungabi nozokhala ngokuthi akafundi ngoba engenayo imali. Umnyango usezinhlelweni zokuqala izifundo ezintsha ezizosiza intsha ekutheni ikwazi ukuqala amabhizinisi umaisiqede isikole.
Ezinye zalezi zifundo kubalwa ezokulawula amabhizinisi, ukucwala izinwele nezinye.