UTHEMBISE ukungenela alungise isimo aphinde aqede nenkohlakalo ohlelweni lokuphakelwa kwabafundi ezikoleni zaKwaZulu-Natal uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube.
UNksz Gwarube uthe ukhathazekile ngezinkinga ezibhekene nalolu hlelo eKZN njengoba kunezinkinga angenela kuzona, ngokungakhokhelwa ngesikhathi kwabahambisa ukudla ezikoleni.
Uthe yingakho eze wamisa nse nokukhishwa kwethenda kaR9.8 billion, yokuphakela izikole zakuleli ngoba efuna ukuqinisekisa ukuthi abafundi abalambi, nokuthi ukudla kuzofika nsuku zonke ezikoleni.
“Ngizimisele ukuyisiphula nezimpande inkohlakalo ohlelweni lokuphakelwa kwabafundi ezikoleni zethu. Kuke kwaba nezinselelo ezifundazweni iKZN naseGauteng kanti ngibe sengibiza umhlangano wabo bonke abaPhathiswa ukuthola ngezinkinga. Siyangenela eKZN ngezinkinga ezikhona zokungakhokhelwa kwabahambisa ukudla ezikoleni ngenxa yezinkinga zemali,” kusho uNksz Gwarube ephendula imibuzo ePhalamende.
Abaphakela izikole esifundazweni sebeke basabisa ngokumisa ukuhambisa ukudla ngenxa yokungakhokhelwa ngesikhathi.
UNksz Gwarube uthe akakholwa ukuthi umuntu oyedwa angaphakela abafundi abevile ku-9.7 million, abahlomula kulolu hlelo.
“Yingakho ngamisa ithenda yokuthi umuntu oyedwa aphakele bonke abafundi. Kumele kuhlomule umphakathi kulolu hlelo kungazuzi umuntu oyedwa,” kusho uNksz Gwarube.
Uthe uma esethathe isinqumo uyomemezela indlela okuzosetshenzwa ngayo ngaphansi kwalolu hlelo.
Sinconyiwe isinyathelo sokumisa lithenda njengoba bekusolwa ukuthi kungenzeka kube nenkohlakalo.
EKZN uhlelo lokunika umuntu oyedwa ozophakela abafundi lwaba nezinkinga kwaze kwabuyelwa ohlelweni oludala lokuhambisa ukudla kosonkontileka abahlukene.
UNksz Gwarube ubuye wathembisa ukuthi ngoMashi ngonyaka ozayo bafuna ukube sebeqede nya ngamathoyilethi omgodi ezikoleni zakuleli.
“Zingu-259 izikole ezinamathoyilethi emigodi kuleli. Sihlela ukuthi siqede ngawo uma kuphela unyaka wezimali ophela ngoMashi 2025.”
Amalungu ePhalamende afune ukwazi ukuthi uzoqinisekisa kanjani ukuthi lokhu kuyenzeka.
Uwaphendule ngokuthi eminyakeni edlule zingaphezu kuka-4 000 izikole ebezinamathoyilethi omgodi kanti manje sekusele ezimbalwa.
UNksz Gwarube uchithe indaba yokuthi umnyango wehlisa isibalo sothisha eWestern Cape.
Uthe kunenkinga yemali kuleli wathi basazama ukuxoxisana noMgcinimafa ngalolu daba.
“Uma sivala noma sihlanganisa izikole sixoxa nomphakathi. Asimane sisivale noma yikanjani njengoba nalapho ngakhulela khona kunezikole eziningi ezavalwa,” kusho uNksz Gwarube.