UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthi nakuba zikhona izingqinamba ezibikiwe lapha nalapha ekubhaliseni kwabafundi njengoba izikole zivulwa kusasa, kodwa izikhulu zomnyango ziyahlangabezana nazo ukuqinisekisa ukuthi abafundi bayazithola izikhala.
UMqondisi ehhovisi lezokuxhumana kulo mnyango, uMnuz Muzi Mahlambi uthe kuze kube manje, sebengu-210 000 abafundi bakaGrade 1 abazobe beya ezikoleni okokuqala asebebhalisile, bebengu-240 000 abakaGrade 8.
“Ukumukela kwabafundi ezikoleni sasikuvule phakathi kukaMeyi noSepthemba nyakenye. Sase sithi njengoba sesivalile manje, amakomiti abhekele ukwamukela abafunda ezingeni lezifunda, yiwona asebhekana nomsebenzi wokwamukelwa kwabafundi labo okunezidingo eziphuthumayo, njengokuthi isibonelo, umfundi ubehlala nogogo washona, kwadingeka ashintshe isikole ngoba eseyohlala nelungu lomndeni kwenye indawo,” kusho uMahlambi.
Mayelana nokuhanjiswa kwezincwadi ezikoleni, uMahlambi uthe zonke izikole ezisesimeni sokuthi zingakwazi ukugcina izincwadi, zizitholile ngonyaka odlule. Kwathi lezo okukholakala ukuthi zisezindaweni lapho kudlange khona ubugebengu nokugqekezwa kwezikole, uhlelo lokuhanjiswa kwezincwadi luyaqhubeka okuzothi kuqamba kuvulwa izikole abafundi bazithole izincwadi zabo.
Ngesikhathi kugasela izikhukhula ngo-Ephreli nyakenye, iningi lemindeni yabagilwa lasuswa ezindaweni ebelihlala kuzo, lakhoseliswa ezakhiweni zomphakathi, okushiye izingane sekumele zihambe amabanga amade, noma zigibele ukuya ezikoleni.
UMahlambi uthe umnyango wenze isiqiniseko sokuthi abafundi abakhahlanyezwa yizikhukhula, batholelwa izikole eziseduze kwezindawo imindeni yabo ebekwe kuyo uhulumeni, futhi bayanakekeleka ngendlela efanele.