IZOXAZULULEKA inkinga ebhekene nabafunda ezikoleni zabaphila nokukhubazeka KwaZulu-Natal, njengoba uMnyango wezeMfundo usezinhlelweni zokuthenga amabhasi amasha azoya kulezi zikole.
UNgqongqoshe woMnyango uNkk Mbali Frazer, ethula isabelomali somnyango wakhe esiShayamthetho eMgungundlovu, uveze ukuthi izikole zabaphila nokukhubazeka zabelwe uR1.6 billion kulo nyaka wemali.
Uthe basezinhlelweni zokuthenga amabhasi angu-10, azoya ezikoleni zabaphila nokukhubazeka.
“Sizophinde sigcwalise izikhala zabasebenza kulezi zikole. Zizoqasha abashayeli bamabhasi, abagada emahostela ahlala abafundi, abahlanza izikole. Sizosebenzisa uR10 million ukwakha lawo mathuba emisebenzi,” kusho uNkk Frazer.
Usho lokhu nje sikhulu isililo kulezi zikole ngokushoda kwamabhasi. Kuthiwa abanye abafunda kuzona abasayi ezikoleni ngoba amabhasi amaningi afile, awasebenzi.
Lokhu kufakazelwe nayilungu le-ANC esiShayamthetho uNksz Nozipho Mavuso, oveze ukuthi amabhasi ayadingeka ngokushesha kulezi zikole.
Uthi amaningi awo ayakhandwa okwenza ukuthi abafundi baduve emakhaya, bengafundi.
“Kunenqwaba yabafundi abahleli emakhaya kabafundi ngenxa yokuthi amabhasi afile, awekho abathuthayo. Umnyango kumele wenze izinhlelo kulezo zikole ezidonsa kanzima ngenxa yezinto zokuthwala abafundi.”
UNkk Frazer uthe enye imali ehlinzekwe izikole zabakhubazekile, izothenga izinsizakufunda, izinto abazisebenzisayo zokuhamba kanjalo nemali yokuthi lezi zikole zisebenze.
“Siyaqhubeka nezinhlelo zokwakha izikole zabaphila nokukhubazeka. Sisanda kuphothula ukwakhiwa kwesikole iNanda Special School.”
Uthe bayaqhubeka nokuqapha ukwakhiwa kwezinye zalezi zikole njengeTongaat Special School esifundeni iPinetown, ne-YWCA Special School eMajuba.
Uveze nokuthi bakha nesikole esizezingeni eliphezulu KwaNongoma, iMusa Special School.
UNkk Frazer uveze nokuthi bathutha abafundi abangu-74 000 ezikoleni ezingu-400 esifundazweni.
“Laba bafundi sibathutha mahhala nsuku zonke kanti kumele ngabe bahamba ibanga elingamakhilomtha amathathu. Siyazi baningi abanye abafundi okumele ngabe siyabathutha kodwa abangahlomuli ngaphansi kwalolu hlelo ngenxa yesabelomali.”
Uthe basebenzisana nomgcinimafa ukuqhamuka nezinye izindlela zokuzama ukuthutha abafundi ngenxa yokuthi amabhasi ayagcwala kakhulu.