IYAKHULA ingcindezi ebhekene noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ngokukhokhela othisha njengoba kudingeka uthathe imali kwezinye izinhlelo ukuze ukwazi ukukhokhela othisha abangu-90 057.
Ukunqanyulwa kwesabelomali somnyango nguMgcinimafa, kwenza ukwazi ukukhokhela othisha ababalelwa ku-85 000. Ababalelwa ku-5 000 unenkinga ngabo njengoba kuthathwa imali kwezinye izinhlelo ukuze bakhokhelwe.
Ngenxa yale nkinga, ike yasikazwa eyokubadiliza labo ongakwazi ukubakhokhela kodwa kwasuka umsindo ezinhlakeni ezehlukene okubalwa nezinyunyana zothisha.
Ngesikhathi izikhulu zomnyango zivele ngaphambi kwekomiti elibhekele ukusebenza kwemali esiShayamthetho sesifundazwe iScopa muva nje, ziphinde zayigqamisa ingcindezi yokukhokhela othisha.
UNgqongqoshe womnyango, uNkk Mbali Frazer, undlalele amalungu ekomiti izinkinga umnyango obhekene nazo, wathi u-90% wesabelo sabo ukhokhela abasebenzi.
Uthe ngenxa yenkinga yokukhokhelwa kwabasebenzi kudingeke basike baze bafinyelele ethanjeni ukuze bakwazi ukukhokhela abasebenzi, wathi lokhu kunomthelela omubi ngoba abasakwazi ukuvala ezinye izikhala okubalwa nasezikoleni zabaphila nokukhubazeka.
“Asikwazi ukuvala ezinye izikhala uma kukhona abahambayo noma abashonayo. Asikwazi ukuvala izikhala zabahloli, abaluleka ngezifundo kanjalo nezinye izikhala ezibalulekile. Sikale namakhilomitha okumele ahanjwe kanjalo nokuthengwa kwezimoto,” kusho uNkk Frazer.
Uthe baze baya kwiKhabhinethi nyakenye, ukuyobika usizi lwabo lokuthi kugcinwe isibalo sothisha ku-90 057 ukuze kuqhubeke ngendlela ukufunda ezikoleni.
“Siyabadinga labo thisha kodwa asikwazi ukukhokhela ababalelwa ku-5 000. Angisayiphathi ke eyezikole ezifunda abaphila nokukhubazeka, isimo sibi kakhulu.”
Inhloko yomnyango, uMnuz Nathi Ngcobo, iveze ukuthi kuhlale kuqubuka imibuzo yokuthi othisha bandiswa nini njengoba kwakhiwa nezikole ezintsha, wathi kunzima ngoba imali kayikho.
UNgcobo uthe naseminyakeni edlule yezimali, baya kwiKhabhinethi beyobeka usizi lwabo lokuthi babhekene nenkinga yokuthi bangase badilize ngoba bengakwazi ukukhokhela othisha ababalelwa ku-5 000.
“IKhabhinethi yavuma ukuthi singadilizi labo thisha abangu-5 000 kodwa kumele sisizwe ngezinye zezinto nokuthi nathi sibheke indaba yothisha abazobamba ezikhaleni zalabo abasuke bengekho. Asisamane sizivale izikhala zalabo abangekho, siyabhekisisa,” kusho uNgcobo.
Amalungu ekomiti athe noma kunezinkinga zemali kodwa eyokudiliza kumele kube ngeyokugcina.
UMnuz Sipho “KK” Nkosi we-ANC, uthe eyokudiliza akumele kube yinto abomnyango abayicabangayo.
“Satshela ngisho umholi othandwa umhlaba wonke uMandela, sisangabaholi bezinyunyana zothisha ukuthi angalinge acabange eyokudiliza othisha noma kungathiwa kunaziphi izinkinga.”
UNksz Zinhle Cele we-ANC, uthe bekuzoba yinhlekelele ukudiliza othisha esifundazweni.
“Siyabonga ngqongqoshe ukuthi usehlise amaphaphu, bekuzoba yinhlekelele ukudiliza othisha.”
UNkk Ntokozo Mlaba ongumqondisi jikelele obhekele ezezimali emnyangweni, uthe ngenyanga umgcinimafa ubafakela uR4.2 billion, uR4.8 billion uya emiholweni yabasebenzi bese enye yenza ezinye izinhlelo zomnyango.