OWESILISA osolwa ngokushaya abulale umfana wakhe ngoba “elaya” unina utshele inkantolo ukuthi uzoliphika icala uma seliqulwa.
Umsolwa uthe ingane yawa ngokwayo yashayeka ngesiphongo etsheni yashona.
UMnuz Siyabonga Innocent Shezi (28), ogqunywe ejele emuva kokunqatshelwa ibheyili, ubekade evele eNkantolo yesiFunda yasePinetown.
Ubekwe icala lokubulala uSifundo Sibisi (8) ngoJanuwari 13, 2023 eNtshongweni, eThekwini.
Umufi wayephasele uGrade 4 esikoleni samabanga aphansi, Umthala Primary, KwaNdengezi.
UShezi, okhulume ngomlomo wommeli wakhe wamahhala, uMnuz P Dlamini, utshele iMantshi uJ Goorie ukuthi uzoliphika icala uma seliqulwa ngoMeyi nonyaka.
“(Umsolwa) Ungitshele ukuthi uzoliphika icala bese ebeka isizathu esithi umufi waziwela ngokwakhe washayeka phansi ngesiphongo etsheni washona,” kusho uDlamini.
Izolo kwenziwe izethulo ezindlalela ukuqala kokuqulwa kwecala okuzoba ngoMeyi 21.
Kulowo mnyama uDlamini utshele inkantolo ukuthi uShezi uzofaka isicelo sebheyili kabusha.
Imantshi ithe isicelo sebheyili sizolalelwa yimantshi eyanqabela uShezi ibheyili ekuqaleni ngesikhathi kusalindwe usuku lwecala.
UMshushisi u-Andre De Nysschen uthi uMbuso usola uShezi ngokuthatha uSfundo kubo kwanina KwaNdengezi, wahamba naye waya ehlathini, wafike wamshaya maqede wamklinya wafa.
Kuthiwa uShezi wabe esefonela unina wengane yakhe, uNksz Nonhlanhla Sibisi, abase behlukene, wamtshela ukuthi useyibulele, akaphuthume ehlathini eliseNtshongweni ayolanda isidumbu sayo singaze sidliwe yizilwane.
Kubekwe izinsuku ezimbili okuzoqulwa ngazo kuqedwe leli cala. UMbuso uzogadla ngofakazi abayisithupha kubalwa nonina kamufi. UDlamini uthe uzobiza uShezi ethule ubufakazi.
UDlamini uthe kungenzeka uShezi abuphonsele inselelo ubufakazi boMbuso lapho kuthiwa wagonyuluka khona evuma icala.
Kuthiwa uShezi waboshwa kubo ngamaphoyisa ngosuku okwatholakala ngalo isidumbu.
Ngaphandle kwenkantolo uNksz Sibisi uthe akumphathi kahle ukuthi uShezi ufuna ibheyili ngoba lokho kubeka impilo yakhe engcupheni.
“Uma inkantolo imnikeza ibheyili kuyobe iyamthuma ukuthi akeze azobulala mina. Watshela umphenyi wecala ukuthi uma engaphuma uzoqhubeka lapho ayekade egcine khona. Wayekuhlosile akwenza ngoba wathi uqaqa mina. Ngihlukumezekile ngokwenzeka,” kusho uNksz Sibisi ehlengezela izinyembezi.
Ukhale ngoShezi wathi uyafona esejele amcele ukuthi amthengele ugwayi ne-voucher. Uthe nangesonto eledlule uphinde wafona wangayibamba ifoni. Ufona nje uShezi inkantolo yayikade ikhiphe umyalelo othi angaxhumani noNksz Shezi.