OWESIFAZANE ushayiswe iloli e-Ottawa, eVerulam emuva kwalokho waphangwa iselula yakhe amadoda amabili obekungathi azomsiza elele phansi.
Lokhu kudalulwe abezimo eziphuthumayo benkampani yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa).
Isigameko sokushayiseka kowesifazane oneminyaka engu-23 senzeke ngoLwesithathu emini emgwaqweni uR102.
Okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram, uthe omunye wonogada babo ubeqaphe ubugebengu endaweni kanti uzozithela kowesifazane olimele elele phansi emgwaqweni.
“Iloli lamanzi lakwaPowerstar beliqhele ngebanga elingu-200 meters nalapho kulele kukhona owesifazane. Kusolakala ukuthi owesifazane ubewela umgwaqo ngesikhathi eshayiswa iloli,” kusho uBalram.
Uqhube wathi umshayeli weloli udle phansi ngezinyawo walishiya kanjalo iloli.
Kuthiwa ngesikhathi elinde usizo owesifazane obelimele, kube sekuqhamuka amadoda amabili afike amkhuthuza ashaya achitha neselula yakhe iHuawei Nova.
UBalram uthe umuntu obedlula ngendlela futhi ozibonele kukhuthuzwa umgilwa, uchazele onogada babo abebekule ndawo ukuthi abebukeka kanjani amadoda.
Kuthiwa onogada babe sebephuma inqina bethungatha abasolwa kodwa babuya belambatha.
“Owesifazane ube esenyangwa khona endaweni yesigameko, wase ephuthunyiswa esibhedlela,” kusho uBalram.