UKHALA ezimathonsi ngoR250 000 wakhe owesifazane waseMndeni, othi uwuboleke owayengumsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi, osethembisa ukuthi bangabambana nangezandla kunokuthi akhokhe.
UNaomi Msomi, othe ungusomabhizinisi, uveze ukuthi wayeboleke uSbu le mali ngoJuni nyakenye.
Leli phephandaba linayo ikhophi yesitatimende sasebhange esiveza u-R250 000 owathunyelwa usuka eNedbank ngoJuni 3 nyakenye.
Kukhona nemiqhafazo kaWhatsapp phakathi kwalo wesifazane noSbu, uSbu ethembisa ukuthi bangabambana ngezandla futhi useyilungele impi.
“Ngangimboleke le mali engithembise ukuthi uzoyibusa emva kwamasonto amabili. Wangitshela ukuthi kunomuntu othumele i-email ebhange lakhe ekhala ngokuthi kucwile imali yakhe ayifake kwi-akhawunti kaSbu yebhizinisi. Wathi ibhange livale i-akhawunti yakhe okwesikhashana ngoba kusenziwa uphenyo.
“Kumina wayecele ukuthi ngimboleke uR230 000 wokuholela abasebenzi noR20 000 wokukhokhela irenti njengoba ebenamahhovisi eThekwini. NgoJuni ubengithembise ukuthi imali izobuya emva kwamasonto amabili uma eselungise udaba lwakhe nebhange,” kusho uNaomi.
Uthe ngenxa yokuthi uSbu kudala aqala ukusebenza naye, wamthemba wamthumelela le mali. Inkinga uthe iqale uma sekumele ayikhokhe, waqala wabika ukuthi ayikakalungiseki indaba yakhe nebhange, ecela ukulula isikhathi.
UNaomi uveze ukuthi isikhathi sihlehle kwaze kwaba wuDisemba nyakenye.
“NgoDisemba nakhona ubelokhu ebamba eyeka engitshela nokuthi angimlinde. Ngimcele ukuthi okungenani akayikhokhe izikhawu le mali. Njengoba ayethe le nkinga ayikakalungiseki ngamcela ukuthi okungenani akakhokhe noma uR10 000 ngenyanga ize iphele.
“Kwaba sengathi uyakuvuma lokho kodwa wangayifaka. Ngithe uma ngimbuza waqala walwa, washintsha nenamba yocingo lwakhe. Ngithole inamba entsha abese eyisebenzisa komunye umuntu oxhumana naye.
“Sakhuluma kancane naye sibanga imali waphinda wayishintsha futhi. Ngenhlanhla ngiphinde ngakwazi ukuthola entsha, okuyiyona le agcine esengitshela ukuthi usekulungele ukulwa nami,” usho kanje.
UNaomi uveze ukuthi baxoxe baze bafika naye odabeni lokuthi kungani engamkhokheli ngoba kunabantu abazinikela ukuthi bamnikelele imali emva kokushaywa yisikebhe.
Uthe uSbu wavele wamtshela into engazwakali wathi nemali le akhuluma ngayo ayikakafiki kuyena futhi ngeke abaxine abantu ukuthi balethe yonke imali kuyena ngoba ingumnikelo.
Kuthintwa uSbu, ucingo lwakhe beluvaliwe. Nezinye izinamba zakhe azingeni kanti nemiyalezo athunyelelwe yona kulezi zinamba nasekhasini lakhe leFacebook akayiphendulanga.