AMAPHOYISA abophe abesifazane ababili nezingane zabo ezimbili ngecala lokubulala le ntombazane endaweni yaseMapayeni, eGiyani.
Laba baboshwe ngoMgqibelo, ngecala lokubulala indodakazi eneminyaka engu-12 ubudala.
Ngokwemibiko evelayo, kuthiwa le ngane ihambe yangabuya ekhaya. Umama wayo washayela ucingo udadewabo (37) ohlala eduze ukuba amcingise yona. Nembala bahambe ukuyoyicinga nabafana babo abaneminyaka engu-15 ubudala.
"Ingane bayitholile babuyela nayo ekhaya lapho abafike khona bayishaya, bayiyalela ukuba igeze, base beyikhiyela egunjini layo," kusho amaphoyisa.
Ngosuku olulandelayo, umama wengane ufice isithule ngoba ishonile, wase ebikela amaphoyisa ngalokhu akubonile.
Amaphoyisa aqale lapho ukuphenya icala lokufa komuntu kwabonakala ukuthi isidumbu sinemivimbo.
"Ngokutholakala kwalobu bufakazi, amaphoyisa avule icala lokubulala, abasolwa bonke baboshwa ngoMgqibelo."
Abasolwa bazovela enkantolo ngoMsombuluko. Abasolwa ababili abancane elabo lizoqulwa ngokomthetho wezingane wezobulungiswa.