LUQALE kabi usuku lwabesifazane endaweni yaseHarrismith kuboshwa owesifazane ngamacala okugqekeza.
Owesifazane oneminyaka engu24 uboshwe nabanye abalisa ababili (22) ngezinsolo zokugqekeza epulazini eliseHarrismith bashaya bachitha nempahla.
Amaphoyisa ancoma amalungu omphakathi ashaye phansi ngonyawo athi ngeke afuye izinswelaboya.
“Amaphoyisa alunywe indlebe ngoLwesibili ngomsolwa osendaweni obonakale nempahla esolilsa, sibe sesinikele ngakhona nebala wagaxwa ozankosi umsolwa.
Akubanga sikhathi esitheni ngesikhathi amaphoyisa azingela abamba umsolwa wesibili otholakale esemsebenzini ejoyintini eliseKhalanyoni. Lo msolwa wesibili utholwe ne-generator okungenye yempahla obekubikwe ukuthi yebiwe epulazini.
ezintathakusa zngoLwesithathu ngezithuba zika1.15 amaphoyisa anikele epulazini i-Elands River lapho kuboshwe khona owesifazane.
“Kuseshwe igumbi lakhe lokulala kwatholakala isibhamu esebiwe.”
Kwesinye isigameko esenzeke eBrits, amaphoyisa abophe abasolwa besendleleni bebuya kogqekeza umuzi.
Abasolwa bagasele emzini oseBrits eNorth West noLwesibili ntambama behlome bephelele.
Laba basolwa bathathe impahla ebizayo bayifaka emotweni yakhona kulo muzi okuyiToyota Prado bashaya bachitha.
Kube sekushintsha izinto ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumisa le moto ihamba abasolwa kuR80 uma ubheke ePitoli.
“Amaphoyisa athole umbiko ngomuzi ogqekeziwe eBrits, ngenhlanhla inkampani ehogela umkhondo wezimoto ezebiwe ikwazile ukuyibona le moto lapho ebihamba khona kwabikelwa amaphoyisa,” kusho uLieutenant Colonel Mavela Masondo.
Uphiko lweFlying Squad ePitoli yilona oluvimbezele imoto yabasolwa emgwaqweni uVon Hagen ePitoli. Bazamile ukuyimisa kodwa abasolwa bakhuphula amafutha bevulela ngenhlamvu.
“Basuke bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni bebaleka, kujahwane lapho yaze yama imoto yabasolwa.”
Bazamile ukuphulukundlela emotweni abasolwa abane babaleka ngezinyawo kodwa abaphumelelanga kulokho ngoba amaphoyisa akwazile ukubabamba, baboshwa.
Abasolwa batholakale nemoto enempahla eyebiwe, izibhamu nezinhlamvu eziningi.
“Izibhamu zizohlolwa ukubheka ukuthi azikaze zisebenze yini kobunye ubugebengu”, kuqhuba uLieutenant Colonel Mavela Masondo.