UBE ngowokuqala wesifazane emlandweni we-University of South Africa (Unisa), uSolwazi Puleng LenkaBula, ukuba agcotshelwe ukuba yiPhini likaShansela.
Ekhuluma emcimbini wokugcotshwa kwakhe, uthe ezinye zezinhloso zakhe akusikho kuphela ukuqinisekisa ukuthi i-Unisa iyisikhungo semfundo ephakeme ekhiqiza imfundo esezingeni eliphezulu nenikeza amathuba empumelelo kulabo abasemazingeni aphansi kodwa nokuthi yenza umehluko obonakalayo ekunikezeni ngolwazi lokwenzeka emhlabeni.
USolwazi LenkaBula ukusho lokhu ngesikhathi efungiswa ngokusemthethweni kulesi sikhundla ngoLwesihlanu, okungokoqala ukuthi siphathwe wumuntu wesifazane kule nyuvesi eniminyaka engu-148.
Uthe okuseqhulwini kuyena phakathi kokunye, ukunyusa izinga ekufundiseni nasekucwaningeni ngolwazi oluthinta ubu-Afrika.
“Kumele sigqugquzele ukwenziwa kocwaningo nezindlela zokuphila ezingancikile olwazini lwasentshonalanga,” usho kanje.
Phakathi kweziqu anazo kubalwa iDoctoral Degree in Ethics of Politics, Economy and Ecology azithola e-Unisa. Uphinde abenezeMaster’s in Theological Studies azenza e-St Andrew’s College, eCanada.
Useke waba nguDean eNyuvesi iWits ngaphambi kokuthi ayoba yiPhini likaRector e-University of Free State.
UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, uhalalisele uSolwazi LenkaBula ngokugcotshwa kwakhe.
“Ngikholwa ukuthi umkhandlu wase-Unisa wenze okulungile ngokuqoka wena kulesi sikhundla, ukuthi usihole uphinde usuyise endaweni elungile ikakhulu ngalesi sikhathi sinezinselelo ezinkulu empilweni nasemanyuvesi ethu,” kusho uNzimande