UMBHALI wencwadi ekhuluma ngesigameko sokushona kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, uthi ufuna ukubona isiphetho saleli cala njengoba konke okwenzeka kulona kungekhona akuthola ngesikhathi enza ucwaningo.
USoweto Mandlanzi, ongumbhali wale ncwadi, uthi noma engeke abize amagama abantu okubonakala bekhuluma okungekhona kuleli cala kodwa yinto engekho le eyenzeka kulona.
Uveze ukuthi ngesikhathi enza ucwaningo wakhuluma nabantu ababesendlini ngelanga lesigameko okwadutshulwa ngalo uSenzo. Kubona uthe uKelly Khumalo kuphela angakwazanga ukukhuluma naye.
“Imizamo yokuthola uKelly ayiphumelelanga. Akukho engingakwenzanga ukuthi ngikwazi ukuthola uhlangothi lwakhe kodwa yonke imizamo ayiphumelelanga. Okungixakayo ukuthi okwenzeka enkantolo yinto engafani nhlobo nencazelo engayithola. Njengoba ngibhalile encwadini, akekho umuntu owangena endlini ezobamba inkunzi kubo kaKelly. Noma ngingeke ngime ngokuthi ubani owadubula kodwa engakutshelwa wukuthi indodana kaChicco, uLongwe Thwala, wafika ethukuthele kakhulu ngalolu suku kubo kaKelly. Ngokusho kwababesendlini, ukufika kwakhe kwashubisa isimo kwangathi kungene ingelosi yokufa,” kusho uSoweto.
Uthe ngisho amaselula abo bonke ababesendlini ayikho eyathathwa njengoba kuthiwa kwakubanjwa inkunzi. Ngisho ekaSenzo uthi wakhonjiswa yona. Uthe waze wanikwa yona ukuthi ayivule ukuze athole imininingwane kuyona, ngebhadi lo nozinti wayesebenzisa isithupha sakhe ukuyivula ngakho kwaba lukhuni ngoba wayengasekho emhlabeni.
Nangelanga ashona ngalo uSenzo, kuthiwa kwakusanda kuba nesexwayiso sokuthi lungabanjwa ucingo uma kufona uLongwe. Nesimo uthe sasingesihle phakathi kukaSenzo noKelly. Amaselula abantu ababesendlini uthe nawo athathwa ngamaphoyisa abuyiswa emva kwezinsuku ezine. Uveze ukuthi kukhona nomunye umuntu ohlonishwayo owakhuluma naye emtshela ukuthi akukho zigebengu ezazibamba inkunzi kubo kaKelly ngelanga lesigameko.