IVUME amacala ethweswe wona indoda eyayihamba ngonyanyavu lweMercedes Benz, eyabanjwa oqotsheni itapa esitolo iWoolworths, eDavenport, eThekwini ngezibhelu ngoJulayi 2021.
NgoLwesithathu uMbuso Moloi (32) uvele eNkantolo yesiFunda yaseThekwini, wavuma icala lokweba nelokuphula umthetho, iNational Road Traffic Regulation.
Uphiko lwezokushushisa iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal luveze ukuthi uMoloi waphula umthethowomgwaqo ngokuhamba ngemoto eyayingenazo izinombolo eziqondile ngesikhathi eyotapa.
I-NPA ithe encwadini efungelwe, avume kuyona icala enkantolo, uMoloi uthe ngosuku lwesigameko yena nabangani bakhe babehamba ngemoto ngenhloso yokuyothenga.
Okhulumela iNPA eKZN, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe ngesikhathi uMoloi efika eDavenport, wabona iqulu labantuelaliphuma esitolo sezimpahla eWoolworths.
“Ngokuphazima kweso, uMoloi uthe wamisa imoto, wase ephuma eqonda ngqo esitolo. Uthe wafike wathatha ubhaskidi, wafaka igilosa,” kusho uNkk RamkissonKara.
Kuthiwa uMoloi wabe esephuma esitolo engazikhokhelanga izimpahla ayezithathile, waya nobhaskidi emotweni yakhe, washaya wachitha.
Le ndoda kuthiwa ibikele inkantolo ukuthi yakhohlwa wukushintsha izinombolo zemoto ifake ezintsha njengoba yayikade isafakwe eyaphuma nazo esitolo ngesikhathi ithengwa.
Le moto okukhulunywa ngayo yiMercedes Benz C300 eyagcina ithathwe wuphiko olushaqa impahla, i-Asset Forfeiture Unit.Kubikwa ukuthi le moto yayikade ithengwe ngaphansi kwesivumelwano sebhange, yagcina ibuyiselwe kulona.
Icala lihlehliselwe uMeyi 31 nonyaka, ukuze kwenziwe izethulo ezendlalela ukukhishwa kwesigwebo. Inkantolo iyelulile ibheyili kaMoloi kuze kushaye usuku lokubuyela kwakhe enkantolo.