OWAYENGUNGQONGQOSHE wezeMidlalo kuleli, uMnuz Zizi Kodwa, uveze ukuthi kwakunzima ngesikhathi ehla esikhundleni sokuhola umnyango ukuze abhekane namacala enkohlakalo, agcine ehoxisiwe.
UKodwa nabebekwe naye icala uMnuz Jehan Mackay, ongusomabhizinisi, bajabule ngesikhathi inkantolo yemantshi ePalm Ridge, ihoxisa amacala abebebekwe wona.
Lokhu kulandela ukuthi uPhiko lwezokuShushisa, linqume ukuhoxisa amacala ngoba lingeke liphumelele ekubashushiseni.
UKodwa ubesolwa ngokwamukela uR1.6 million kuMackay ngo-2015, ukuze uKodwa amcubuzele amagabadi ngokumkhulumela ngoba lo somabhizinisi wayegaqele ithenda yezobuchwepheshe komunye weminyango kahulumeni.
Le mali uKodwa kuthiwa wayisebenzisa ngokuthenga unyanyavu lwemoto nokukhokhela izindawo ezibizayo zokuhlala.
Ngaleso sikhathi wayengumkhumeli we-ANC.
Ephefumula ngokuhoxiswa kwamacala, uthe kwakunzima ngesikhathi enxusa uMengameli Cyril Ramaphosa, ukuba amdedele ukuze abhekane namacala.
“Ngazicelela ukuhoxa ngaphandle kwengcindezi ukuze ngibhekane namacala. Ngesikhathi kwenzeka amacala ebengibekwe wona, ngangikhulumela i-ANC, ngingenamandla okuthi ngingatholela umuntu ithenda.”
Uthe wangena evenini yophiko loKlebe eyovela enkantolo okokuqala, ngoba ekuqonda ukuthi noma ngubani kumele abhekane nomthetho.
“Baningi abangisekile ngesikhathi ngihamba leli cala. Ngashayelwa ngisho abaholi abaphezulu be-ANC, bengigqugquzela ukuthi ngiqine. Ngasekwa ngisho nawuphiko lwentsha lwe-ANC Youth League.”
Uthe kwi-ANC akekho ogiya ngethambo lomunye ngoba ebhekene nobunzima.
“Ngiyabonga ukuthi iNPA ibonile ukuthi akukho okubambekayo. Kunzima uma usuwedwa ubhekene namacala, yingakho ngibonga ukwesekwa.”
Mayelana nekusasa lakhe, uthe uzobuyela ensimini eyokwenza umsebenzi kaKhongolose.
“Angisebenzi manje, ngingenza noma yini. Ngingaba ngisho intatheli,” kusho uKodwa.
Ummeli kaKodwa, uMnuz Zola Majavu, ukuqinisekisile ukuthi amacala ahoxisiwe. Uthe kwakunzima kuKodwa emtshela ukuthi angathi vu kwabezindaba mayelana necala.
“Ngiyajabula ukuthi amacala ahoxisiwe, usekhululekile. Uzovuka azithathe, ngimfisela okuhle kodwa.”
Okhulumela iNPA uNksz Phindi Mjonondwane, uthe abakwazi ukudalula izinto eziningi ezenze bahoxisa amacala. Uthe kukhona ubufakazi obusha obuvelile wathi bebengeke besakwazi ukushushisa ngempumelelo leli cala yingakho belihoxisile.
“Asikwazi ukudalula ubufakazi obusha obuthulwe nguKodwa noMackay kwiNPA. Abangeneme ngesinqumo sokuhoxiswa kwecala bangafaka isicelo sokuthi kubuyekezwe lesi sinqumo,” kusho uNksz Mjonondwane.
Uthe uma beshushisa amacala babuka ubufakazi ababuki isiqu somuntu.