USINDE ehlaselwa yizigebengu umculi weGospel okuthiwa ubesemcimbini abeqashelwe ukunandisa kuwo ngoLwesihlanu ebusuku.
UMxolisi Mbethe wodumo lwengoma ethi Angisize Ngahlukana kuthiwa uhlaselwe ngamadoda amathathu eduze kwesonto iValley of Praise Christian Church eDaveyton, eGoli.
Lo mculi ube nemenenja yakhe yakhe ngabo-7 ntambama belungisela ukungena ebandleni abeqashwe kulo.
Abasolwa kubikwa ukuthi bamdune imoto abehamba ngayo uMxolisi nemenenja ngemuva kokuthi babadubule.
Esitatimentini esithunyelwe ithimba leMbethe Music kwabezindaba kuvele ukuthi lo mculi uyelashwa.
“UMxolisi uphuthunyiswe esibhedlela, Ekurhuleni ngemuva kokudutshulwa,” kusho imenenja yakhe esitatimendeni.
Imizamo yokuthola imenenja ayiphumelelanga, ucingo lwayo belungangeni.
Khonamanjalo KwaMashu, kuthiwa kudutshulwe amadoda amabili okusolakala ukuthi abezama ukubamba inkunzi.
I-video yalesi sigameko isabalale ezinkundleni zokuxhumana.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe... ( waiting for comment)