LIVULE icala emaphoyiseni ikhansela le-IFP kuMasipala i-Alfred Duma, uMnuz Bhekokwakhe Majola, likhala ngokuthi kunabathile abalisongele ngobhubhisa umndeni walo bese belishuphula amankwahla.
UMajola obuye abe nguNobhala we-IFP esifundeni uthe, indaba iqale ngokuthi kube nezikhalo maqondana nentuthuko ikakhulu amanzi. Uthe inkinga yamanzi ihlasele eMnambithi, futhi yinkinga kaMasipala wesifunda uThukela. Uthe ukushoda kwamaloli athutha amanzi kwenza ukuthi agcine esebangwa uma kwenzekile afika ngoba baningi abantu.
Uthe isimo ngendlela esishube ngayo ugcine esesongelwa waze waphenduka umlalandle esesaba ukulala kwakhe.
“Kukhona ongibhalele kwiFacebook ethi uzobulala umndeni wami ngisho nabazukulu konke bese mina ngisikwa ubuntu bami ukuze ngizwe lobu buhlungu ababuzwayo. Kade ngingasahlali nasekhaya kodwa ngabuye ngabuya ngoba kukhona izinsizwa ezingihlalisile. Ngibuye ngabuka nokuthi akusizi ukubaleka ngoba vele umndeni wami usuke usele emuva,’’ kusho uMajola.
UMajola uthe akafuni ukuyithatha kancane indaba yokusatshiswa ngoba amakhansela ahlala ebulawa mihla namalanga. Uthe akazi ukuthi konakelephi ngoba uyayibiza imihlangano achazele abantu kodwa bavele bangezi begcine ngokukhononda kuFacebook.
UMajola unxuse amaphoyisa ukuthi kube khona akwenzayo ngalokhu ngoba usephila ngokwesaba, uhamba ejeqeza uxwaya kwamoto emlandelayo uma esemgwaqeni. Inkinga yokubulawa kwamakhansela idla lubi esifundazweni njengoba nakuleli sonto likhona ikhansela elithelwe phansi ngenhlamvu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe likhona icala elisetshenzwayo elivulwe wuMajola.
“Amaphoyisa aseZakheni aphenya icala emuva kokuthi owesilisa kuthiwa ubone umyalezo omsabisayo kwiFacebook, imininingwane eminingi ayikacacai kahle,’’ kusho uLt Colonel Gwala.