IPHINI likaSihlalo wentsha ye-IFP kuzwelonke, uMnuz Sanele Zondo lidonse intsha yaseMsinga ngendlebe ukuthi iyeke ukukhulelwa ngenhloso yokwandisa izingane, ukuze ithole imali eningi yesibonelelo sikahulumeni.
UZondo ubekhuluma enkundleni yezemidlalo ePomeroy lapho bekuzothuthukiswa khona intsha ngamakhono kugujwa uJuni 16.
“Ngike ngaphatheka kabi kwenye indawo ngifica amantombazane echomelana ngokuba nezingane eziningi, ejabulela ukuthi asezohola imali eningi yesibonelelo sikahulumeni. Ngizwe ngiphoxeka kabi. ISocial Development inemisebenzi eminingi kabi eyizidingo zomphakathi kodwa kugcina kuba sengathi eyokukhipha izibonelelo kuphela ngoba maningi amantombazane anezingane.
Lo mfutho ongaka eninawo wokukhanda izingane ake niwufake ekulweleni ukuthi kwehle uphethroli, ngoba uma nenza kanjalo kuyokwehla namafutha lawa asebiza kangaka.
Kuyacaca ukuthi ninesizungu yingakho nimatasa nokukhanda izingane. Ngizocela uMasipala waseMsinga unilekelele ukuthi wandise izinhlelo zokuthuthukisa intsha ngokuthi wonke amawadi, okungenani kube nabantu abangu-10 ewadini ngayinye ozobalekelela ukuthi bathathe izincwadi zokushayela. Okwenza ngisho lesi sibalo esincane kanje wukuthi umasipala kawunaso isabelomali esanele, ngeke ukwazi ukunisiza nonke kanyekanye. Ngicela ningangishiyi nomlando omubi, wokuthi ngesikhathi sami sokuhola intsha kwazala inqwaba yamantombazane kunokuthi athuthuke,” kusho uZondo.
Uthe intsha kayiziqondi ukuthi inamandla kangakanani, yingakho ingawasebenzisi ukuzithuthukisa. Wathi kunalokho ijatshuliswa wukuthola imali yeqolo elingana neyokuthenga isigubhu samafutha esisodwa. Uqhube wathi kumele intsha ishintshe, iyeke ukuzala njalo ngoba akumele uma kulethwa intuthuko eMsinga kucatshangwe iSassa kuqala ukuze kukhishwe imali yeqolo.
IMeya yaseMsinga, uMnuz Mlethi Ndlovu, ithe yize kunzima kodwa bayazama ukuthuthukisa intsha yasendaweni.
“Sike sikhiphe nemisebenzi emincane ukuthi abantu baqale amabhizinisi. Intsha iyayithola imali elinganiselwa kuR30 000 uma yethule uhlelo oluqondile lwebhizinisi efuna ukulenza, bese siyayilekelela. Izingqinambi ziyaba khona ngoba kwabanye ayawa la mabhizinisi. Sinalo nohlelo lokuyiqeqesha intsha emabhizinisini kodwa kukhona esingeke sikugweme, njengoba kukhona owaqala elokufuya izinkukhu, zavele zantshontshwa zonke,” kusho uNdlovu.