USIHLALO we-IFP uMnuz Thami Ntuli ucele ukuthi kuqanjwe izindawo ngoMntwana waKwaPhindangene. Uthe ucela uMasipala waseMhlathuze uguqulwe ubizwe ngedolobha iPrince Mangosuthu Buthelezi. Lokhu ukusho wakubhekisa eMeyeni yawo umkhandlu, uMnuz Xolani Ngwezi. Uphinde wacela uhulumeni wesifundazwe ukuthi ubeke umfuziselo kaShenge eSishayamthetho. UNtuli ubekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo sikaShenge ePrince Mangosuthu Regional Stadium, oLundi namhlanje.
Uthe lesi sikhumbuzo kasanele kodwa kumele kubuyelwe emagatsheni nasemadolobheni kuyogujwa ngempilo kaShenge.
“UShenge wabeka impilo yakhe neyomndeni wakhe engcupheni ngesikhathi esungula i-IFP. Okuhle (wukuthi) noDkt Nelson Mandela uyakwazi lokho. Izinto ezifana neMUT neThala Bank zibizwe ngoShenge.
Uphethe ngokuthi beyi-IFP kuzomele basebenze kanzima ukuwina ukhetho KwaZulu Natal.