UKHUZE ibuya izolo, kungalindele muntu, wabuyela esihlalweni sokuba yimeya yaseKurhuleni obechithwe cishe emasontweni amabili adlule, uNkk Tania Campbell.
UNkk Campbell ovela kwiDemocratic Alliance (DA) ubuye emva kokungaphumeleli kwezingxoxo phakathi kwe-ANC ne-EFF. Ubuye ngeshodi emva kokuthola amavoti angu-124.
Ubedlana imilala noMnuz Jongizizwe Dlabathi we-ANC, igama lakhe eliphakanyiswe yilowo owayeyimeya, uMnuz Mzwandile Masina.
UDlabathi yena uthole amavoti angu-99. Ukuphakanyiswa kwegama likaDlabathi kuholele ekutheni obemele i-EFF, uMnuz Nkululeko Dunga, aphume emjahweni walesi sikhundla.
I-EFF icasulwe yisenzo se-ANC sokuphakamisa elayo igama lomuntu efuna angenele umjaho.
Iphepha elinguzakwabo weSolezwe, iThe Star, lithole ukuthi i-ANC akuzange kuyijabulise ukuthi i-EFF ibifuna isikhundla sobumeya nezinye eziphezulu ezintathu.
Amanye amalungu e-EFF abedinwe ngendlela yokuthi afunge agomela ukuthi azokwenza isiqiniseko sokuthi i-ANC ayiwuphathi uMkhandlu waseKurhuleni.
I-EFF inezihlalo ezingu-31 kulo mkhandlu kanti i-ANC inezihlalo ezingaphezulu kuka-80.
Amavoti e-EFF ashayele isipikili sokubuya kukaNkk Campbell kwesobumeya.
U-Masina we-ANC ngeledlule umemezele ukuthi uyahoxa embangweni wesikhundla seMeya eMkhandlwini waseKurhuleni.
Ekhuluma nezintatheli, uMasina ukuqinisekisile ukuhoxa kwakhe, wathi wehlulwa ngesikhathi ezama ukungenela ihlandla lesibili.
“Ngebhadi, sengiliqedile ihlandla lami leminyaka eyisihlanu. Ngesikhathi ngisazama ukungenela ihlandla lesibili, ngehlulwa ngakho-ke sekuyisikhathi sokuthi ngigxile kwezinye izinto zombutho. Awukwazi ukuthi uma uwumuntu ulokhu ubambelele entweni eyodwa,” kusho uMasina.
Ukuhoxa kwakhe kuza emva kokuthi amakhansela omkhandlu ematasa, ezilungiselela ukuthi aqoke imeya entsha kulandela ukukhishwa kwemeya yeDA, uCampbell.
UNkk Campbell ukhishwe emasontweni ambalwa edlule ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe.
Yize kunjalo, uNkk Campbell uphinde walimele iqembu lakhe kwesobumeya ngethemba lokuthi uzophinde akhethwe, nangempela kwabanjalo.