UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ubize umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen ngombandlululi ongumcwasi, ngokugxeka abantu abathenga inyufomu ezitolo ezifana noPep noJet.
URamaphosa ukhwele wadilika kuSteenhuisen wathi ubukela phansi abantu abathenga kulezi zitolo.
“Ukubandlulula nokucwasa ukubukela phansi abantu abathenga kulezi zitolo. Kwangiphatha kabi ukuzwa umholi weqembu eliphikisayo ekhuluma amagama anje, lokhu ukubandlulula. Ukukhuluma ngabantu ngale ndlela kubukela phansi abanye futhi kuyacwasa.”
Ukusho lokhu ephendula inkulumweni-mpikiswano eCity Hall eKapa ngoLwesithathu emuva kwenkulumo abeyibhekise esizweni ngeledlule.
USteenhuisen ekhankasa muva nje eGoli, wathi uNdunankulu waseGauteng uMnuz Panyaza Lesufi, wathatha imali yabakhokhi bentela wathengela abalwa nobugebengu inyufomu yakwaPep, engabalingani.
Wathi laba baqaphi bobugebengu wabalanda emashibhini, wabanika umfaniswano nezikhali ukuze basabalale emiphakathini.
USteenhuisen wachitha ukuthi ungumcwasi, wathi ngeke axolise ngoba kwayena kanjalo namadodakazi akhe athenga kwaPep.
Wathi uyaziqhenya ngalesi sitolo ngoba asidli kakhulu ephaketheni, ngakho akukho ukucwasa kulokhu akusho.
URamaphosa ukhale ngokubuyiselwa emuva kuhulumeni kwemali yentuthuko.
“Lo mkhuba kumele uphele ngoba wandile kakhulu ezifundazweni. Ngisho lapha eWestern Cape uyenzeka. Kumele uphele.”
Uthe bayaqhubeka nezinhlelo zokunikezela imiphakathi ngamanzi nangezinye izinsiza ezibalulekile.
Uveze ukuthi akwenzela izwe akuwona umlando wakhe kodwa ngowenhlangano.
“Engikwenzayo angifuni kuthiwe wumlando kaRamaphosa kodwa wumlando we-ANC. Angizisebenzeli mina kodwa ngisebenzela i-ANC, ngakho umlando engizowushiya akuwona owami kodwa ngowe-ANC.”
Uthe bayayixazulula inkinga yokucishwa kukagesi ezweni.
“Le nkinga isuka eminyakeni ecela kwengu-50 edlule. Sisebenza ngamandla ukulungisa inkinga yokucishwa kukagesi. Sifuna ivuke i-Eskom. Yingakho siza nezinye izinhlelo zokuthi kutholakale ugesi kuleli. Kunabatshali bezimali abeza kuleli ukuzofaka isandla enkingeni kagesi.”
Uthe bayaqhubeka nokuqinisa izinhlaka zokulwa nobugebengu ezweni.
Uveze ukuthi abantu ababalelwa ku-9 million bahola kuhulumeni isibonelelo sabangatohozi.
“Abanye babantu abahola le mali bavula amabhizinisi abo. Siyaqhubeka nokunikezela ngezindlu zamahhala nokuxhuma ugesi.”
Uthe bazokwengeza amaphoyisa abalelwa ku-20 000 ukulwa nobugebengu.
“Bekunesikhalo kuNgqongqoshe wezamaphoyisa uMnuz Bheki Cele, ngokushoda kwamaphoyisa njengoba sikhula isibalo sabantu kuleli. Sifuna amaphoyisa afuqe umkhankaso wokulwa nobugebengu.”
Ugxeke abaphazamisa izinhlelo zokuphucula ingqalasizinda ngoba befuna ukukhokhelwa ngenkani ingxenye ethile yemali kulezo zinhlelo.