UBUHOLI be-ANC Youth League (ANCYL) kwisifunda iMoses Mabhida buthi bushaqekile ngokuboshwa kwelungu lesigungu esiphezulu sale nhlangano kulesi sifunda okuthiwa liboshelwe icala lokutholakala nezibhamu.
Lobu buholi buthe sebubhalele ithimba lesikhashana elihola i-ANCYL licela iseluleko ngezinyathelo okufanele zithathelwe lo mholi.
Umholi oboshiwe, igama lakhe elingeke lidalulwe ngenxa yokuthi amaphoyisa abengakaphawuli ngalolu daba, uphinde abe yilungu lekomiti elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANCYL kulesi sifunda.
Lo mholi uphinde abe yilungu lesigungu esiphezulu kwiYoung Communist League.
Ngokuthola kweSolezwe, lo mholi watholakala nezibhamu kanye nezinhlamvu angenalo ilungelo lokuzigcina.
Ukuboshwa kwakhe kuza emva kokuboshwa kobengumqaphi wemeya yaseMsunduzi, uMnuz Mziwemali Ngubane, oboshelwe icala lokubulala uNkosinathi Radebe.
Lo mholi kuthiwa unobudlelwano bezothando noNgubane.
UNobhala we-ANCYL kwisifunda iMoses Mabhida, uMnuz Nkosi Mkhize, uthe balindele ukuthi ithimba lesikhashana elihola i-ANCYL kuzwelonke kube yilo elibelulekayo ngezinyathelo okufanele bazithathe.
“Simbhalele loyo ohola abaholi bethimba lesikhashana abatshalwe esifundazweni iKwaZulu-Natal kanjalo nohola abatshalwe kwisifunda iMoses Mabhida. Yize i-ANC inomthetho othi abaholi ababhekene namacala kufanele bashenxe ezikhundleni, i-ANCYL ayinawo lowo mthetho. Thina njengobuholi besifunda asinawo amandla atheni yingakho sifuna ukuthi ithimba lesikhashana kube yilo eliseluleka ngezinyathelo okufanele zithathwe.”
UMkhize ukugxekile ukubandakanyeka kwelungu lesigungu esiphezulu ecaleni elinjena.
“Siyaziqhelelanisa nento eyenziwe ngu (emgagula ngegama). Lena yinto embi ikakhulukazi njengoba ithinta nokubulawa komuntu osemncane (uRadebe), oneminyaka engu-22. Thina njengophiko lwentsha sihlezi singasohlangothini lwabantu abasha.
“Sifuna ukuthi umthetho udlale indima yawo, amaphoyisa angaphazanyiswa emsebenzini wawo futhi kungabi khona ukugxambukela.”
UMkhize uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi kunezinsolo zokuthi uNgubane wayeshayela imoto yakuMasipala waseMsunduzi ngesikhathi ebulala uRadebe.
UMkhize uphinde waveza ukuthi bakhathazekile nokuqhubeka kokubulawa kwabantu eMgungundlovu.
“Kuqale kwabulawa abantu abangu-10 eMbali njengoba sekuzobulawa umuntu osemusha ngesihluku. Okungcono ukuthi abasolwa basheshe baboshwa kuwona womabili la macala ngoba besikade sikhala ngokuthi abasolwa ababoshwa.”
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa aKwaZulu-Natal engakayiphenduli imibuzo athunyelwe yona ngalolu daba.