UMSAKAZI owazakhela olukhulu udumo kwiRadio Metro egcine seyibizwa ngeMetro FM, uVusi Letsoalo owayaziwa ngoMusical Doctor usejoyine i-ActionSA kaHerman Mashaba.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe Ngempelasonto Online, uthe ubone leli qembu kuyilona elingathuthukisa iNingizimu Afrika ibe kuleli zinga okumele ibe kulona.
“Okungihlabe umxhwele nge-ActionSA ukuthi ayicwasi, zonke izinhlanga zimelelekile, uma sikhuluma ngothingo lwenkosazane nezifiso zoMnuz Nelson Mandela no-Archbishop Desmond Tutu, sikhuluma ngaleli qembu,” kusho uVusi.
Ukuqinisekisile ukuthi ngonyaka ozayo njengoba kuzokuba nokhetho lukazwelonke, yena akasenakho ukungabaza, uzovotela i-ActionSA.
“Okunye okungichaze kakhulu nge-ActionSA, isiqubulo sabo esithi, Let Us Fix It. Iqiniso elingeke liphikwe ukuthi isimo asihambi kahle kuleli lizwe, uma kukhona iqembu elithi lizozixazulula lezi zinkinga, yini engenza singalijoyini?” kubuza uVusi.
UMnuz Zwakele Mncwango onguSihlalo we-ActionSA kulesi sifundazwe, uthe bayamemukela uVusi.
“Okuhle ngoVusi ukuthi akasiye umuntu wophiko lwezindaba, ubengumsakazi nje womculo kodwa kuyacaca ukuthi uyilungu lomphakathi elihlukumezekile, kulo hulumeni okhona,” kuchaza uMncwango.
Uphethe ngokuthi ngeke liphele lolu suku uVusi engahlangananga nomholi we-ActionSA, uHerman Mashaba.
..............