OWAYEYISIKHULU esiphezulu e-Eskom, uMnuz Matshela Koko, ufake isicelo sokuthi achithwe amacala enkohlakalo abhekene nawo. Usola uMbuso ngokumpumputha. UKoko uboshwe nabayisikhombisa okubalwa kubona umkakhe, nesingandodakazi yakhe asolwa nabo ngenkohlakalo.
UKoko ungaphandle ngebheyili kaR 300 000 ayithola ngesikhathi eboshwa ngo-2022, ngezinsolo zenkohlakalo. Uyawaphika wonke amacala abhekene nawo futhi usola abathile ngokumbophela amanqina enyathi.
NgoSepthemba 22, bavele eNkantolo yeMantshi eMiddelburg, eMpumalanga, bebhekene namacala enkohlakalo nokukhwabanisa okusukela kwithenda yase-Eskom. UMbuso ucele ukuthi icala lihlehle ngoba kukhona imiqingo yamaphepha aqukethe ubufakazi, isafanele icutshungulwe.
UKoko ufake isicelo sokuthi amacala achithwe ngoba ukholwa wukuthi uMbuso awukulungele ukuqula icala futhi waboshwa kungafanele. Usola uMbuso namaphoyisa ngokuthi babengaphansi kwengcindezi ethile eyaholela ekutheni babophe benganabo ubufakazi obuqanda ikhanda.
Uboshwa nje, wake wavela izikhawu ngaphambi kwekhomishini ebiphenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana. Ofakazi abaningi babekhomba yena bethi wayehlomula emathendeni ase-Eskom ngendlela engekho emthethweni.
Kulindeleke ukuthi ngoSepthema 29, inkantolo ikhiphe isinqumo mayelana nesicelo sikaKoko sokuthi kuchithwe amacala.