Lihlehliselwe uMashi 27 nonyaka icala lowesifazane owayeyiphoyisa osolwa ngokuphazamisa ukusebenza komthetho nokukhipha ngokungemthetho isiboshwa ejele.
NgoLwesithathu uNkk Nokulunga Gumede uvele eNkantolo yeMantshi ePinetown wadedelwa ngesexwayiso, kwahlehliswa icala.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, umsolwa wayeqashwe ngaphansi kwamaphoyisa iSAPS esebenzela esiteshini saKwaMakhutha njengokaputeni engu-branch commander.
Kubikwa ukuthi ngo-Ephreli 17, 2020 waya ejele eWestville wakhipha indodana yakhe ngaphandle kwamaphepha afanele aphuma enkantolo. Lokhu kuthiwa wakwenza ngaphandle kolwazi lomphenyi wecala. Indodana yakhe kuvela ukuthi yayikade iboshelwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.
UNkk Gumede kuthiwa wayisa indodana yakhe enkantolo kodwa icala langafakwa ohlwini lwamacala ayezolalelwa ngenxa yemithetho eyayilawula ubhubane iCovid-19. Kuvela ukuthi wabe eseyithatha indodana yakhe wagoduka nayo. Kwabe sekubikwa icala lokuphazamisa umthetho nelokususa isiboshwa ejele.
Okhulumela oKlebe eKZN, uMnuz Simphiwe Mhlongo, uthe idokodo laleli cala labe selidluliselwa koKlebe ophikweni oluphenya ngamacala enkohlakalo ebucayi eThekwini. Kwabe sekukhishwa amasamanisi. Ngo-Febhuwari 5 umsolwa wabizwa ukuba avele enkantolo ngoLwesithathu wabe esededelwa ngesixwayiso.