NKOSIKHONA CELE
UKHUTHAZA abazalwane ukuba bakujwayele ukuya empophomeni uMfundisi waseZayoni ophinde abe ngumthandazi.
UMfundisi Lungisani Ndabuzekwayo Gumede, omunye wabefundisi abadala ebandleni uMkhumbi Wokuphila Church of Christ in Zion, uthi ukholwa ukuthi impophoma iletha ukukhanya ngezindlela ezahlukene ebantwini.
UMfu Gumede uthi ukuya empophomeni ngenye yezindlela ezazisetshenziswa kudala ngenhloso yokuqaqa izinkinga zabantu.
Phakathi kwabantu athe uyabakhuthaza ukuba baye empophomeni uGumede uthe abangawutholi umsebenzi nalabo abangabatholi abantwana.
"Abazalwane kumele bakukhuthalele ukuya empophomeni ngoba kuyasiza ngezindlela eziningi,'' usho kanje uMfundisi Gumede.
Uthe kunezinye izinto ezidinga ukuthi zilapheke ngokuya empophomeni kanjalo nangomkhuleko.
UGumede ubekhuluma muva nje ngoba ubehlele indumezulu yenkonzo yabantu abayiswa empophomeni.
"Impophoma ngenye yezinto abantu okumele bazijwayeze kakhulu yona futhi bazi nokuthi isho ukuthini,'' echaza.
Uthe ubonga uNkulunkulu ngokuthi bayakuthola ukuphulukiswa labo bantu abasuke ebayisa empophomeni minyaka yonke. Ukhuthaze nabanye abefundisi bakwamanye amahlelo ukuthi bayizame into yokuyisa abantu empophomeni.
"Abanye abantu bacabanga ukuthi kakulungile ukuyisa abantu empophomeni. Angazi ukuthi lokhu bakususela ngaphi ngoba impophoma ihlanzekile ayinawo namanzi amile kodwa inamanzi ahambayo,'' egcizelela.
UGumede waziwa kakhulu ngeziphrofetho zakhe ezishaya emhlolweni.
Uthi waqanjwa ukuthi unguNdabuzekwayo ngemuva kokuba kwase kukhulunywa ngaye njalo ngenxa yokusiza abantu abasuke bedunwe yizimoto.
Ibandla akulona linamagatsha ezingxenyeni ezahlukene KwaZulu Natal.