UNGENE emlandweni uLalela Mswane (24) waKwaZulu-Natal ethatha isicoco sikaMiss South Africa
ULalela wakwaSokhulu, eRichards Bay ogcine eseqhudelana nezintokazi ezimbili okungo Moratwe Masima waseGauteng noZimi Mabunzi wase- Eastern Cape, uthathe lesi sicoco ngemva kokuchazeka kwamajaji ngezimpendulo ezihlaba hlosile aziphendule ngenkathi bephonswa ngemibuzo kulo mncintiswano obusakazwa bukhona eGrand West Arena, eCape Town izolo.
Ngaphambi kokuthi zitonyulelwe ukudlana imilala lezi zintokazi ziqale zatholana phezulu nozakwabo okubalwa kubo uBianca Bezuidenhout, Catherine Grounewald, Cheneil Hartenberg, Jeanni Mulder, Kaylan Mathews, Kgothatso Dithebe noTiffany Francis abakhale ngaphansi emncintiswaneni.
Uhlelo lomcimbi beluphethwe u- Anele Mdoda noNico Panagio.
Abebelekelela ekuluphatheni yizintokazi ezazingoMiss Universe ngo2018 nango2019 okubalwa kuzo uZozibini Tunzi noCatherene Gray.
Kwabebengamajaji wumsakazi weMetro FM uDineo Ranaka, uMiss Universe 2015 uPia Alonzo Wurtzbach, Tamary Green ( 2018), Basetsana Khumalo (1994) umlingisi we- The Queen, uShannon Estra nePhini likaShansela waseNyuvesi yaseCape Town noMamokgethi Phakeng.
Abaculi abebenandisa ngoZakes Bantwini, Ndlovu Yourh Choir noNtokozo Mbambo.
Lo mcimbi oqale ukukhonjiswa kuthelevishini ngo- 5 ubudlala bukhoma kuMzanzi Magic kwiChannel 161 nakwiMnet.